KUBE ncane indawo enkundleni yokuxhumana iTwitter kuxabana uphrojusa ongaconsi phansi kubathandi bomculo kuleli uDJ Maphorisa nomrepha ohamba phambili uCassper Nyovest.
Ingxabano iphethe ngokuthi uCassper amvale enkundleni yakhe uMaphorisa ngemuva kwempikiswano eqale ngoMgqibelo. “Amaphupho ayafezeka! Sengidayise umculo wami wadlula ku 10 million. Ngiyi-multi platinum! Lokhu okwabalandeli bami, ukungeseka kwenu kuyangijabulisa ngendlela emangalisayo!” kubhala uCassper efaka isithombe ephethe amarekhodi akhe ahlanganisa ama-albhamu amathathu.
Kungakapholi kaseko efake leso sithombe uDJ Maphorisa uthe:“Unamanga. Umculo wakho usulalelwe kwi-digital (stream) izikhathi ezingaphezulu kuka 10 million, hhayi ukuthi udayise amarekhodi. Amanga akho makhi...” kubhala uMaphorisa.
Ngemuva kwalo mbhalo uCassper usheshe wamvala kwiTwitter yakhe. “Bengingakusho kabi bengikhuluma iqiniso nje. Ngisakuthanda mfowethu futhi ngiyawuhlonipha umculo wakho kodwa ungasiqambeli amanga. Khuluma iqiniso. Ngizokubona emgwaqweni ngiyethemba onogada bakho bazongivumela ukuthi ngikubingelele,” kusho uMaphorisa.
UMaphorisa oseke waphrojusela isihlabani saphesheya iculo, uDrake, uqhube wasola uCassper ngokungamkhokheli imali yokuphrojusa amaculo akwi-albhamu yakhe yesibili, iRefiloe. Ebuzwa abalandeli bakhe uCassper ukuthi kungani engamphenduli uMaphorisa uthe: “Niyaqonda ukuthi uma kungathiwa ngiphendula wonke umuntu ongichukuluzayo kungamele ngikhiphe iculo elisha njalo ngesonto?