UPEARL Maseko-Binqose, Selby Mkhize noZandile Tembe abakade beyingxenye yomsakazo Ukhozi FM abazifikele bukhoma ngoLwesithathu bezovalelisa kulo msakazi osegcinile ukuzwakala kuwo
Image: Facebook/UkhoziFM
OBENGUMPHATHI wezinhlelo emsakazweni Ukhozi FM nosanda kushiya, uPearl Maseko-Binqose, uveze ukuthi kade zazimconsela amathe ezinye iziteshi zemisakazo, uSelby Mkhize kodwa enqaba ngoba ubekholelwa emsakazweni Ukhozi.
UPearl noZandile Tembe (naye owayengomunye wabaphathi) bazifikele mathupha ngoLwesithathi bezovalelisa kuSelbeyonce eseshiya.
USelby ubenza uhlelo lwantambama iWoza Nabangani bakho noTshatha ngo-3 kuya ku-6 ntambama.
Kusuka ngoMsombuluko uzoqala ukwenza uhlelo iGagasi Fastlane, noSphectacula noDJ Naves emsakazweni iGagasi FM.
UPearl uncome uSelby ngokuthanda Ukhozi nangokuhlala iminyaka kulo yize kade efunwa kwezinye izindawo.
“Angifuni abalaleli bangizwe kabi ngale nkulumo, kodwa uSelby kudala ayefunwa eminye imisakazo kodwa engafuni ukuhamba, ngikwazi lokhu ngoba ngake ngaba umphathi wakhe. Ngiyakubongela kakhulu ngesinqumo sokuthi uthathe elinye igxathu, ngikujabulele kakhulu ngokuthi uthathe leli gxathu owawukade ulijikisa empilweni yakho, sengathi kungakuhambela kahle lapho uya khona,” kusho uPearl.
UZandile uveze ukuthi uyambongela uSelby njengoba ngesikhathi befika bonke kwakungelula, bengazi ukuthi abalaleli bazobamukela kanjani.
“Sasithukile, sibasha singazi ukuthi emsakazweni sizokwamukelwa kanjani. Kodwa konke kwahamba ngendlela esasingayilindele, samukeleka kahle futhi sasebenza kahle sonke kwaze kuba ngiyahamba. Siyambongela uSelby ngethuba aselitholile,” kusho uZandile.
UTshatha obumuzwa ukuthi umoya wakhe uphansi, uveze ukuthi azokukhumbula ngoSelby umzuzu la kade bekhuluma khona isiNgisi uma bengekho emoyeni, okuyinto ebimjabulisa.
USelby ubonge uTshatha ngokumphatha kahle wathi selokhu baqala ukusebenza bobabili abakaze baxabane.
Uthe uTshatha ubengazikhukhumezi ngokuthi wamfica eselwenza uhlelo kodwa wamphatha kahle njengoba sebehlukana manje.
Kulindeleke ukuthi uSthandwa Nzuza kube nguye othatha izintambo esikhaleni sikaSelby njengoba imithombo iveze ukuthi usazobamba okwamanje kuze kube iSABC ithatha isinqumo ngokuzokwenzeka kulolu hlelo.
IGagasi kulindeleke ukuthi limemukele namhlanje eMhlanga uSelby njengoba ezothulwa kwabezindaba.
Related Topics: