BAZIZWA behloniphekile abanikazi befilimu, iThe Tokoloshe ezovula umbukiso wamafilimu waminyaka yonke, iDurban International Film Festival (DIFF), ngokuqokwa kwefilimu yabo kulo mbukiso oqala ngoJulayi 19 kuya ku-29.
Omunye wophrojusa bale filimu, uDumi Gumbi, uthe bebengalindele ukuthi kuzoqokwa ifilimu yabo ngenxa yokuthi amafilimu asabisayo awakhonziwe kuleli.
“Abantu baseNingizimu Afrika abawathandi amafilimu asabisayo. Nabenzi bamafilimu bakuleli abagxilile kuwona ngenxa yalesi sizathu. Akhonzwe kakhulu eMelika futhi kwenziwa imali eningi ngawo. Ukwenza kwethu ifilimu yalolu hlobo kuyindlela yokufaka amafilimu asabisayo kubantu bakuleli,” kusho uGumbi.
Uthe enye into ebenze babona ukuthi benze umsebenzi omuhle ngale filimu, wukuthi ibinesabelo-mali esincane kodwa yaba sezingeni. Lokhu uthe ukusho ngoba akuqokwa noma iyiphi ifilimu ukuthi ivule kwiDIFF.
Uthe iThe Tokoloshe izoqala ukukhonjiswa ema-cinema ngoNovemba 2 nonyaka. Uthe kunezinhlelo zokuthi ikhonjiswe nase-United Kingdom (UK) ungakapheli lo nyaka njengoba isatshalaliswa e-UK. Kubalingisi bayo kukhona uPetronella Tshuma (osesithombeni) Dawid Minnaar, Kwande Nkosi, Harriet Manamela noYule Masiteng.
Umqondisi wayo, uJerome Pikwane kungokokuqala eqondisa ifilimu.
UNolwazi Magwaza okhulumela iDIFF, uthe kungokokuqala bevula ngefilimu esabisayo kulo mbukiso. Uthe inhloso bekungukwenza ushintsho emcimbini walo nyaka.
UGumbi uthe ifilimu ikhuluma ngowesifazane waKwaZulu-Natal, oya eGoli eyofuna umsebenzi. Uma efika eGoli uqashwa esibhedlela sezingane ukuthi asebenze ebusuku. Inkinga iqala ngesikhathi esebenza ebusuku ehlushwa wutokoloshe, ogcina usumlandela kuyona yonke indawo aya kuyona. Uthe nawo utokoloshe uyavela kwifilimu futhi kugcina kuhlalukile ekugcineni ukuthi ungubani lo tokoloshe, ohlupha owesifazane.
Njengoba iDIFF izovula ngeThe Tokoloshe izovalwa ngeRafiki.