Ezokungcebeleka

Izophenduleka namhlanje imibuzo “ngonombolo 5” kaMseleku

Nokubongwa Phenyane|Published

IZOPHENDULEKA namhlanje imibuzo ngowesifazane osezakhele igama ekulingiseni uNtokozo Mzulwini (ohlezi phansi), noMusa Mseleku. Kuqubuke imibuzo ngezithombe ezifakwe ezinkundleni zokuxhumana lapho kubonakala amakhosikazi kaMselekeu, okunguMaNgwabe, MaKhumalo, MaCele noMaYeni Isithombe: FACEBOOK

KUZACACA ngoLwesibili ebusuku kuMzansi Magic(DStv 161), ngemibuzo emayelana nowesifazane obonakala ezithombeni ezehlukene ezifakwa nguMusa Mseleku, kwiFacebook.

Sekunesikhathi uMseleku ebonakala ohlelweni oluxoxa ngempilo yakhe nomndeni wakhe uThando Nesithembu, lapho ekhuluma namakhosikazi akhe ngokuthatha unkosikazi wesihlanu.

Ngesonto eledlule ufake isithombe sakhe noNtokozo Mzulwini, ongumlingisi imdlalweni uMkhokha.

Ezithombeni akukho akudalula obala uMusa, mayelana nokuthi ngabe banobudlelwano bezothando noma cha.

Izolo kusuke omunye umsindo njengoba abeMzansi Magic befake lezi zithombe, noMusa waphinde wazifaka.

Ekhasini leMzansi Magic bathe “Hawu Mthombeni, ngabe usuwandise amapuleti emndenini kaFlo? Konke kuzocaca namhlanje ngo-7 ebusuku”.

U-Irvin Pooe weMzansi Magic, uveze ukuthi kusuka ngo-7 ebuukue, ababukeli besiteshi bazophenduleka kuyona yonke imibuzo abanayo ngezithombe.