OMUNYE wabasunguli beqembu lomculi wokholo iJoyous Celebration, uLindelani Mkhize useveze ukuthi ufisa ukuthi umcimbi ozoba ngoDisemba 31, e-ICC iMayine Crossover Gospel Experience kube wumcimbi wokuthi abaculi bowokholo babuyisane.
ULindelani ubekhuluma neSolezwe elingabaxhasi balo mcimbi, njengoba iqembu aliholayo, iJoyous Celebration, ingelinye lamaqembu azobe enandisa.
Uthe mkhulu umyalezo okumele bawudlulise ngalo mcimbi.
“Isifiso sami esikhulu ukuthi abaculi bowokholo babuyisane. Kuningi okwenzeka ngale abantu abangakuboni. Ngibona sengathi iMayine ifike ngesikhathi esikahle kakhulu sokuthi sifike sizokhuleka. Nathi njengeJoyous Celebration sizocula ihora elilodwa kodwa sizokwenza konke okusemandleni ukuthi abantu bajabule sibabusise ngomculo wethu izingoma ezintsha nezindala abasazi ngazo.”
Uthe yize bengakujwayele ukuba yingxenye yemicimbi emikhulu njengoba bejwayele ukwenza awabo amakhonsathi, kodwa bavumele phezulu ngesikhathi bezwa ngalo mcimbi.
“Kuwo okunye okumele sikukhulekele ubunzima esike sadlula kubo eminyakeni edlule. Nalo nyaka ubungemuhle kwenzeke izinto eziningi ezithusayo, kwadlula emhlabeni abantu ngendlela eyisimanga, ngakho ngimema wonke umuntu ukuthi aphumelele kulo mcimbi sizobonga uNkulunkulu ngesidlule kukho sicele ukuthi unyaka ozayo ube ngcono kunale esiphuma kuyo.”
Uthe bona njengeqembu bazokwenza okuhlukile kulo Disemba njengoba ngenjwayelo basuke beqopha i-albhamu yabo entsha.
Kulo nyaka uthe bakhethe ukuba nohambo olwaziwa ngeJoyous Summer Tour, lapho bezohambela eGauteng, Kimberly, Malawi, Rwanda nakwamanye amadolobha, ukubonga abalandeli babo.
USanelisiwe Mbambo okhulumela umcimbi uthe amathikithi akhona eWebticket asuka ku-R350 kuya ku-R1500.
Kubaculi abazobe bekhona kubalwa u-Ayanda Ntanzi, Benjamin Dube, Dr Tumi, Xolly Mncwango, Jumbo, Lebo Sekgobela, Lusanda Beja, Dumi Mkokstad, Sindi Ntombela, Timoty Myeni nabanye.