KULINDELEKE ukuthi iphume ngasekupheleni kukaMeyi i-albhamu yeqembu lomculo wokholo iJoyous Celebration 28 ebiqoshwa e-ICC ngempelasonto.
ULindelani Mkhize ongomunye wabasunguli baleli qembu, uthe izingoma ezingaphezu kuka-30 ezizotholakala kule albhamu iningi lazo ezintsha babonile ukuthi zizothakaselwa abaningi kuleli njengoba kwenzekile kule mpelasonto.
Ekhuluma neSolezwe uthe ukuza esifundazweni iKwaZulu-Natal kubo kuhlala kuyintokozo ngoba basale bebambe ongezansi ngendlela abemukelwa ngayo.
"Kusijabulisile esikubonile abantu becula nathi izingoma zethu ezintsha kwaba sengathi kade bazazi. Lokhu kusho ukuthi baningi abalandeli beJoyous Celebration abazojabulela le albhamu entsha nesingazi ukuthi iyiphi ingoma okumele siyibeke phambili ngoba zonke zimnandi," kusho uLindelani.
Uthe kusuka manje bazohambela amadolobha ahlukene kuleli bejabulisa abalandeli babo ngomculo.
"Ezinkundleni zokuxhumana abalandeli bethu sebeyasifuna emadolobheni ahlukene. Ngakho kusele lowo msebenzi manje. Siyabonga kakhulu kuwona wonke umuntu ofikile," kuchaza yena.
Ubonge Isolezwe ngokuhlala libeseka njalo uma kunalo mcimbi.
Emcimbini wangesonto i-ICC Arena ibigcwele phama, kanti kukhona izingoma abantu abakhombise ukuzithakasela nobekuthi noma seziphelile ukuculwa baqhubeke baziculele zona kuze kuphoqe ukuthi umculi obeyicula abuye esteji kuqhutshekwe nayo. Kulo mcimbi kugqame namafulegi amazwe angaphandle kwabebehambele umcimbi.