Ezokungcebeleka

Izogadla ngoMtshali isizini entsha yomdlalo, Makoti

Nokubongwa Phenyane|Published

USDUMO Mtshali ungomunye wabalingisi abasha abazobonakala emdlalweni othi Makoti isizini yesibili ezoqala ngenyanga ezayo nalapho ezothatha indawo ebilingiswa uSiphesihle Vazi kaMthokozisi Isithombe: SITHUNYELWE

IZOVALWA uSdumo Mtshali indawo kaMthokozisi ebilingiswa uSiphesihle Vazi emdlalweni othi Makoti.

Isizini yesibili yalo mdlalo izoqala ukubonakala kuSABC1 kusuka ngo-Ephreli 11, ngo7.30, ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu.

USdumo odlala indawo kaSolomuzi Phakathwayo emdlalweni iThe Estate kuSABC 1, umenyezelwe njengozothatha indawo ephambili kulo mdlalo ebilingiswa uSphesihle, oshiyile wayojoyina iTelenovela edlala kuMzansi Magic iThe Queen.

USdumo ungena kule ndawo nje, uSphesihle kusanda kuvela izindaba zokuthi uyodlala indawo yenye yamadodana kaBrutus kwiThe Queen.

Ukujoyina kukaSdumo kulo mdlalo kushiye abaningi bebuza ukuthi ngabe lokhu kusho ukuthi uzoshiya yini kwiThe Estate.

Umdlalo othi Makoti umayelana nezithandani ezisencane ezilungiselela ukushada, kodwa zinezinkinga ezithile okumele zibhekane nazo ngaphambi kokuthi zishade.

Kule sizini abeSABC 1 bathe zonke izithandani, zizobe zilwa nokuthi zithandwe abantu basemzini.

UThuli Phongolo ongomunye wabalingisi abahamba phambili kulo mdlalo ushaya ibuya kuwona nalapho ezolingisa khona indawo kaLilitha.

UCaroline Phalakatshela weaSABC uveze ukuthi uLilitha ubuya kulo mdlalo ekhulelwe futhi usejwayele nomsebenzi wakhe wokuziphilisa.

“Impilo yakhe kubukeka ihamba kahle futhi abaningi iyabaheha bayayihalela, uma beyibuka bekude. Lokhu kuze kumdonsela amehlo abezindaba. Inkampani yakhe ikhule ngendlela yokuthi isize yashintsha igama yaba yiFlawless Lifestyle Channel. Umyeni wakhe usamthanda kakhulu futhi zonke izithembiso azenza beshada usazigcina, kodwa uhambo abaluthathayo njalo lokuya eKZN luyamkhathaza umyeni wakhe. UMthokozisi uhlala ekhathazekile futhi enokhwantalala ebika konke kunina njengoba kungunkosikazi obondlayo,” kuchaza uCaroline.

Uveze ukuthi lezi ngezinye zezinkinga abazobe bebhekene nazo njengoba efuna ukuba umyeni owenza kahle nakwezimali kunkosikazi wakhe.

UCaroline uveze ukuthi abanye abalingisi abazobonakala kulo mdlalo nabazogqama abebekhona u-Ayanda Makayi olingisa indawo kaMo nentombi yakhe uJessica (Micaela Tucker), nabo abazoba nezinkinga uma befika kubo kaMo e-Eastern Cape.

Abanye abazobonakala kukhona uTina Jaxa, Mike Mvelase, Don Mlangeni ongumlingisi omusha kulo mdlalo , Zimkhitha Kumbaca, Kennedy Stab, Makhosazana Ndlovu, Selai Ralarala, Zakhele Msibi, Amanda Quwe noCharmain Mtinta.