INKAKHA yomculi nomlingisi osezakhele igama uKelly Khumalo noseqokwe kabili kuma-Emmy Awards uThuso Mbedu, bakhonjwa kwiLockdown ekhuza ibuya ngo-Ephreli wonyaka ozayo.
Lokhu kuvele engxoxweni ekhethekile yeSolezwe ngeSonto noLawrencia Mqwebu ongomunye wabaqondisi benkampani iBlackbrain okuqoshwa ngaphansi kwayo lo mdlalo.
ULawrencia uthe ziningi izinguquko ezizokwenzeka kwiLockdown ngonyaka ozayo ezizojabulisa abantu.
“Ngingakuqinisekisa ukuthi uKelly Khumalo noThuso Mbedu sebejoyine iLockdown. Ngeke ngikwazi ukukudalula ukuthi yiziphi izindawo abazozidlala kuyona kodwa zigqamile. Ezinye izinhlelo ezikhona ukuthi indawo kaZim Zim edlalwa wuManaka Ranaka izoba ngezinye ezinkulu emdlalweni,” kusho uLawrencia.
Uveze ukuthi uMonde odlalwa wuZola Nombona ongomunye wabalingisi abaphambili kulo mdlalo kuzovela ukuthi unodadewabo obengaziwa ozoba ngomunye wabalingisi.
Mayelana nendawo kaMazet edlalwa wuDawn Thandeka King nekaMaki edlalwa wuLinda Sebezo, uthe akukho azokucacisa ngazo kodwa kukhona okuzokwenzeka ngalaba balingisi.
UTHUSO Mbedu ungomunye wabalingisi okuthiwa bazobonakala kwiLockdown ngonyaka ozayo
Kunezithi umnqobi wendondo ye-Oscar ongumlingisi waseBenoni eGauteng kodwa ozinze e-Unites States of America (USA) uCharlize Theron, ungomunye ozojoyina lo mdlalo.
Uphrojusa wawo uMandla N, uthe noma engazimisele ngokudalula abalingisi abeza kulo mdlalo kodwa ukhona umlingisi ohlonishwa umhlaba wonke ozolingisa kuwona. Uthe akavumi futhi akaphiki ukuthi uCharlize uyena lo mlingisi okukhulunywa ngaye.
UKelly akamusha ekulingiseni emidlalweni yethelevishini. Uke wadlala indawo kaSunay kuRhythm City neka-Kgantse kuSkroef noSexy.
UThuso uzakhele udumo edlala indawo kaWinnie kwiS’thunzi. Miningi neminye imidlalo yethelevishini alingise kuyona okukhona iGenerations: The Legacy, Scandal!, Saints and Sinners, Snake Park neMTV Shuga.
Lo mdlalo usuzakhele igama ngokulanda abalingisi bamazwe ngamazwe njengoba isizini esanda kuphela ibinomlingisi uTichina Arnold wodumo lwe-Everbody Hates Raymond nomkhangisi uStevel Marc odabuka eJamaica.