UTHEMBISA lukhulu efilimini yakhe ezophuma ngoLwesihlanu emabhayisikobho akuleli, owayengumlingisi weScandal! uKagiso Modupe.
Le filimu yokuqala kaKagiso ethi Losing Lerato, kuyona lo mlingisi ulingisa indawo ephambili nendodakazi yakhe uTshimollo.
Ekhuluma ngale filimu ohlelweni iV-Entertainment, uKagiso uthe kumjabulisile ukuthi akhiphe umsebenzi wakhe wokuqala ngaphansi kwenkampani ayithuthukisa kakhulu ngesikhathi ethatha ikhefu emkhakheni wokulingisa.
Kule filimu uthe kuzobonakala owesilisa owenza konke okusemandleni ukuba sempilweni yendodakazi yakhe.
“Nakuleli sikhona isihlava sokuthi uma owesifazane nowesilisa akade bethandana benezingane bese kufika isikhathi lapho bengasazwani khona. Nakule filimu kunjalo sizobona owesilisa owenza konke ukuba sempilweni yendodakazi yakhe yize isimo singesihle kodwa uyakhombisa ukuthi indodakazi yakhe uyayidinga.”
Uthe le filimu izotshatshulelwa abaningi kodwa akuthanda kakhulu ukuthi izofundisa abantu abangasathandani kodwa abanezingane.
Kule filimu kukhona abalingisi asebezakhele igama oZandile Msutwana, Thato Molamu, Connie Chuene, Ayanda Borotho nabanye.
Ngonyaka odlule uKagiso wamemezela ukuma kancane ekulingiseni wathi ungena endimeni yomculo, kuyona angagqamanga njengoba esekhipha le filimu.