IQEMBU legqom’ iDistruction Boyz alinakho nokuncane ukungabaza ukuthi i-albhamu yalo entsha izodayisa ngaphezulu kwendala.
Leli qembu, elibunjwe nguGoldmax noQue, likhiphe i-albhamu ethi, It Was All A Dream enezingoma ezingu-11.
I-albhamu eyedlule yokuqala iGqom is the Future bathi idayise ngaphezulu
kwe-platinum.
UGoldmax uthe okubenza bazethembe ukuthi baqhubeke nesitayela sabo abantu abasithandayo.
“Besingenayo ingcindezi yokuthi sishintshe ngoba vele umculo siyazididiyelela. Bekuzoba yinkinga ukube kuthiwa siyawuthenga. Ngeke sisishintshe isitayela sethu ngoba mhlawumbe ukushintsha kuyobe kuwukwenza iphutha,’’ kusho uGoldmax.
Kwi-albhamu yabo basebenze noDJ Tira, Mr Eazi waseNigeria, Target noNdile, Dladla Mshunqisi, KDot noBeast.
Ingoma eseziqalile ukudlalwa ngethi Amaxoki nethi Umuthi.
“Besithi sizokhipha i-Extended Play (EP) enezingoma eziyisithupha kodwa abantu bathi bafuna i-albhamu. Asibanga nankinga ngoba vele izingoma zikhona. Bebethi ngathi akukenzeki lutho ngoba iDistruction Boyz sase sithi asibanikeze i-albhamu.”
Uthe banethemba lokuthi izodayisa ngokuphindiwe kunendala, nakwamanye amazwe njengoba besebenze nomculi waseNigeria.
“Senza okungakaze kubonakale phambilini ngokuthi i-albhamu yegqom’ idayise kakhulu ekubeni phambilini igqom’ lalingadlali ngisho emsakazweni. Sidlule nalabo okuthiwa benza umculo omnandi kodwa ongadayisi.”
Uthe kuminyene utshumo ngasengomeni engahlukanisa unyaka ngakho ngeke aze asho ukuthi bazowuthatha njengoba benza nyakenye ngengoma ethi, Omunye.
“Ngijabule ngokuthi wonke umuntu usebenze ngokuzimisela. Kungenzeka uthathwe uDladla, kungenzeka uthathwe uDr Malinga, kungenzeka kube uManqonqo ngengoma ethi Eyadini noma ubani. Kushubile kulo nyaka, wonke umuntu usebenzile.”
Leli qembu liqokwe kumaMTV EMA emunxeni weBest African Act. Liqhathwe noShekhinah, Davido (Nigeria), Fally Ipupa (DRC), Nyashinski (Kenya) noTiwa Savage (Nigeria).
“Siqeda kulungisa indaba yamaVisa ngoba siya eSpain. Siqhathwe noDavido noTiwa Savage, siyomela iNingizimu Afrika yonke lapha.”