UMCULI wekwaito, uProfessor, uthe njengeciko akafuni ukuzibophela ogodweni, athi ugxile kwikwaito yodwa kodwa ufuna ukungena yonke indawo.
UProfessor ukusho lokhu echaza ngomcimbi kamaskandi awuhlelayo, i-Esayidi Maskandi Festival. Umcimbi uzoba soGu Sports and Leisure Centre, ePort Shepstone, ngoMgqibelo.
“Njengeciko angizikaleli ukuthi ngihamba ngigcine kuphi. Ngingena kuzona zonke izinhlobo zomculo. Akekho ongazi ukuthi abalandeli abaningi emculweni ngabakamaskandi. Nami ngizisondeza kubo ngoba ngingomunye wabo,” kusho uProfessor.
Emcimbini wakhe kuzobe kunandisa uKhuzani, Amageza Amahle, Shwi noMtekhala, Igcokama Elisha, DSD, AmaYellow Bone, Bahubhe, Ichwane Lebhaca, Mbuzeni, Buselaphi, Thokozani Langa, Phuzekhemisi, Imbongo, Character, Malini, Avante nabanye.
UMAKADEBONA womculi kamaskandi uPhuzekhemisi ukwabazoshiyelana inkundla emcimbini i-Esayidi Maskandi Festival, ePort Shepstone, ngoMgqibelo Isithombe: SITHUNYELWE
“Ziyotholana phezulu izingqungqulu ngoba sibophele kakhulu. IMalini izosivulela ngomkhuleko bese kuyaqhutshekwa. Ngikhona nami noCharacter sizonandisa ngendlela yethu nesithemba ukuthi abantu bazoyijabulela. Abaculi abaningi bazobe becula bukhoma namabhendi,” kusho uProfessor.
Uthe izethameli azivumelekile ukungena nezikhali namabhodlela.
“Sifuna abantu abaze ngokujabula. Abanezinhloso ezibhedayo abangasondeli. Ogwini oluseningizimu singabantu abanokuthula fuhi siyathemba ukuthi abantu bazophuma ngobuningi babo. Ukwenza kwabo ukuthi umcimbi ube yimpumelelo kuyobe kusho ukuthi izinga lizokhula kakhulu ngonyaka ozayo.”
Amathikithi omcimbi adayisa ngoR100 eComputicket kanti nasesangweni azobe ekhona. Umcimbi uqala ngo-9 ekuseni kuze kube u-10 ebusuku.
UProfessor uthe ebusuku bazobe sebedlulela eSenzis Lounge lapho bezojabulisa abathandi bobumnandi khona.
Uthe uzobe ehamba noDJ Oros, 101, Character, Malini, Emza nabanye.