IZILOMO zabaculi uCassper Nyovest noKhuzani zizozama ukugcwalisa inkundla yemidlalo iMoses Mabhida ngezimpelasonto ezilandelanayo njengoba imicimbi yazo ingoDisemba.
Leli phephandaba lihoshe ukuthi okaKhuzani umcimbi uzoba ngoDisemba 8.
UCassper wamemezela ukuthi owakhe i #FillUpMosesMabhida uzoba ngoDisemba 1.
Nyakenye ngemuva kokuthi uCassper kade enze i#FillUpFNB Stadium, uKhuzani wathi ngeke lo mculi agcwalise inkundla yangakubo engakayigcwalisi yena kuqala.
Isolezwe lithole ukuthi umcimbi kaKhuzani uzobizwa ngeFull Up Moses Mabhida Stadium ngenxa yokuthi uCassper uthe igama leFill Up ngelakhe alibhalisile.
UMnyango wezobuCiko namaSiko kuzwelonke kuthiwa yiwo ozothwala izindleko zomcimbi kaKhuzani.
Umthombo weSolezwe osondelene noKhuzani uthe lo maskanda uhambela phezulu kulezi zinsuku ngezindaba zokuthi uMnyango uzoxhasa umcimbi wakhe. “Yingakho ubona nasezinkundleni zokuxhumana elokhu ekhuluma kakhulu kulezi zinsuku ngoba umnyango umthembisile ukuthi uzomxhasa.”
Okhulumela uMnyango wezobuCiko namaSiko, uZimasa Velaphi, ukuqinisekisile ukuthi bayaxoxa nalo mculi. “Umuntu owazi kahle ukuthi sekuvunyelwene yini akekho useBrazil. Kodwa ngingakuqinisekisa ukuthi sinezingxoxo.”
Kulezi zinsuku lo mculi ulokhu efaka ezinkundleni zokuxhumana ethi abalandeli abaqagele usuku lomcimbi futhi basho nokuthi yibaphi abanye omaskanda abafuna ukubabona emcimbini.
Ethintwa uKhuzani uthe yonke imininingwane yomcimbi wakhe uzoyidalula maduze esithangamini nabezindaba.