KUQOPHEKE umlando ngezinhlelo ezingundabamlonyeni ezikhonjiswa kuMoja Love ezibe ngezokuqala ukuba sohlwini lwezingu-30 ezibukwa kakhulu kwiDStv.
Lesi siteshi esinonyaka yize sinezinhlelo okuhlala kukhulunywa ngazo kodwa bezingakaze zivele kulolu luhlu.
Ezibalweni zakamuva zababukeli uhlelo olwethulwa uJub Jub noMos Makwati i-Uyajola 9/9 lusezinhlelweni eziyishumi ezihamba phambili. Lolu hlelo lunababukeli abangu-793 765.
OlukaZodwa Wabantu oluthi Zodwa Wabantu: Uncensored ngesikhathi lukhonjiswa belubukwa abantu abangu-514 077.
KwiDStv umdlalo iThe Queen usahamba wodwa ngokubukwa njengoba ubukwa abangu-1 343 955 kodwa lesi sibalo sehlile njengoba ezibalweni zikaJuni ububukwa abangu-1 463 731.
Uhlelo ama-Idols lubambe isibili lulandelwe i-Our Perfect Wedding neSibaya.
Umdlalo iThe Republic okhonjiswa ngeSonto nawo wenza kahle njengoba usendaweni yesihlanu.
Kwi-e.tv umdlalo iScandal! usahamba phambili ngababukeli abangu-6 168 213 ulandelwe Imbewu:The Seed ebukwa abantu abangu-4 572 889.
Umdlalo Isipho oqale ngenyanga edlule awubalwa nhlobo kulezi zibalo yize abakwa-e.tv babethi uzodonsa amehlo.
KuSABC3 imidlalo yebhola ye-Africa Cup idlisele ogageni Isidingo esisendaweni yesihlanu ngababukeli abangu-1 103 350.
KuSABC2 iMuvhango ihamba phambili ngababukeli abangu-5 339 386. KuSABC1 umdlalo onamasonto ambalwa uqalile othi Makoti kubukeka uthakaselwe abaningi njengoba ubambe indawo yesihlanu ngababukeli abangu-4 612 154.
UZalo luphinde lwanyuka ngababukeli asebefinyelele ku-10 million.