SEKUZOBA yinto yayizolo ezingwazini zakuleli ukudla imbuya ngothi kulandela ukugixabezwa kwazo ngesizumbulu zikaR10 million emcimbini obuseMarket Theatre eNewtown ngoMsombuluko.
Ekhuluma kulo mcimbi, uNgqongqoshe wezobuCiko namaSiko kuleli, uMnuz Nathi Mthethwa, uthe unikeze lezi zingqalabutho zamaciko lesi samba semali ukuze zikwazi ukuqhubeka nokwenza ezidume ngakho. “NgoSepthemba ngizophinde ngiyengeze le mali ngomunye uR10 million.”
UMthethwa uthe le mali uxhasa ngayo isikhwama, iLiving Legends Legacy Project Trust, esizodlala enkulu indima ekutakuleni lezi zinkakha ekuntuleni. Uthe inhlosongqangi ukubungaza la maqhawe, ayibamba ishisa insimbi yaze yapholela ezandleni, esadla anhlamvana ukuze azibonele ethulelwa isigqoko esadla anhlamvana hhayi ukuthi kulindwe aze adlule emhlabeni.
“Eminyakeni emithathu eyedlule sethula inhlangano yamaciko asemnkantshubomvu iLiving Legends Legacy Project. Akhethana ke amaciko angomakadebona, kwabekwa uWelcome Msomi njengosihlalo kwathi iphini lakhe kwaba uLetta Mbulu. Namhlanje sethula ngokusemthethweni isikhwama sawo ngoba asifuni abe ngokhangezile. Sithe kulo nyaka sizobanikeza izinsiza uma benza imicimbi noma behlela amafestiveli. Nina kufanele nize nizobaseka.”Ezibongela uMsomi, omukele isheke likaR10 million ehambisana noLetta, uthe uMthethwa udinga ukuchonywa uphaphe lwegwalagwala ngenxa yemisebenzi emihle ayenzela amaciko akuleli.
“Ngiyathembisa ukuthi ngalo R10 milion osinikeze wona ngeke sisabuya sizocela ngoba thina zingqalabutho ezisaphila sinamakhono. Yingakho sifisa nalamaciko aseza ngemuva kwethu ahlanganyele nathi ngoba kuningi esisangawacushisa ngakho,” kuphetha uMsomi owazakhela udumo ngomdlalo weshashalazi owawuthi uMabatha.
Kulo mcimbi kunandise umzwilili we-opera uSbongile Mngoma, umlingisi weSidingo * -Aubrey Pooe nabanye futhi bekuculwa amanoni amzukwane avutshelwe kuleliculwa njengathi Saduva kaMiriam Makeba, Soweto Blues kaHugh Masekela neKhawuleza kaDorothy Masuka.