SEZITHOLE amakhaya amasha izinkakha zabasakazi bezinhlelo ezahlukene emisakazweni.
Lezi zindaba zithokozise iningi labalaleli njengoba zithinta abasakazi okubalwa kubona uRobert Marawa, Thomas Mlambo noDJ Euphonik.
Amahlebezi asesabalele athi uMarawa uzoqala ukuzwakala kwiRadio 2000 kusukela ngenyanga ezayo, abambe uhlelo lwezemidlalo kusukela ngo-5 ntambama kuya ku-7 phakathi nesonto. Kukhumbuleka ukuthi washiya kuMetro FM kukubi kulandela ukungaboni ngasolinye neziphathimandla ngodaba lokumiswa komdidiyeli wohlelo ayelwethula 083 Sports@6 with Robert Marawa, uBeverly Maphangwa. Njengoba kuza izinguquku kubikwa ukuthi seluzobanjwa nguThomas Mlambo.
Okhulu-mela iSABC uMnuz Kaizer Kganyago uthe ngeke akwazi ukuphawula ngamahlebezi alokhu ebikiwe kuhle alinde kuze kudedelwe uhla olusemthethweni.
Omunye okuthiwa uthole amadlelo aluhlaza nguDJ Euphonik ongumsakazi we-947 FM.
Umthombo osondelene no-Euphonik uthe, kulindeleke ukuthi aqale kwiMetro FM ekuqaleni kwenyanga ezayo.
Uthe lo msakazi uqale ukumpotshozela lezi zindaba ngoDisemba wonyaka odlule.
“Wathi basezingxoxweni nezikhulu zakwiMetro ezithembise ukumfaka ohlwini lwabasakazi uma sekwenziwa izinguquko ngo-Ephreli,” kusho umthombo.
U-Euphonik uthe ngamampunge lawa yena ujabule kabi kwi-947 lapho ethula khona uhlelo i-Eunite njalo ngeSonto ebusuku kusukela ngo-6 kuya ku-8.
“Kukhona esasikhuluma naye, engibuza ukuthi ngiya kwiMetro yini. Angiyi lapho, ngilungile la engikhona,” kusho * -Euphonik.
Uveze ukuthi useze wajwayela ukusebenza emsakazweni ngamaSonto kuphela njengoba esekwenze iminyaka eyishumi.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngaphambi kokuthi angene kwi-947 eminyakeni embili edlule, ubesuka ku5fm lapho ebethula khona uhlelo lwangeSonto ebusuku.
Okhulumela iSABC uMnuz Kaizer Kganyago, uthe kuningi ukuqagela okukhona njengoba imisakazo eminingi kulindeleke ukuthi yethule uhlu lwezinguquko ekuqaleni kwenyanga ezayo.
“Angikwazi ukuphawula ngezinsolo, ngoba okwamanje imisakazo isaqhubeka nezingxoxo nabantu abehlukene,” kusho uKganyago.
Khonamanjalo, uSomizi “Somgaga” Mhlongo uqinisekise kuFacebook ukuthi sezivuselelwe izivumelwano zokusebenza kwakhe.
Lapha ubekhuluma ngesivumelwano sohlelo alusakaza ngokubambisana noDJ Fresh kwiMetro FM, iThe Fresh Breakfast neLiving the Dream with Somizi kuMzansi Magic.
Okhulumela uMzansi Magic uNondumiso Mabece, ukuqinisekisile ukubuya kweLiving A Dream with Somizi, wathi ibuyela ngo-Ephreli emoyeni.