UMETHULI wezinhlelo zethelevishini ophinde abe ngumlingisi uNandi Madida uthole ithuba eliyingqayizivele lokuyokhangisa ngezimpahla zokugqoka zelebuli yakhe iColour kwi-Oxford Fashion Studios, eNew York, ngoFebhuwari 10.
“Leli thuba liqhamuke ngesikhathi esikahle njengoba ngimatasa nokukhangisa ngelebuli yami. Yize kuyinto ebenginesifiso sayo ukuthi ilebuli yami ngigcine sengikhangisa ngayo phesheya kwezilwandle kodwa leli thuba lisheshe lafika. Ngo-2016 ngike ngalithola ithuba lokukhangisa ngayo kwiMercedes-Benz Fashion Week eGoli. Ngaleso sikhathi ngase ngikhulelwe kakhulu ngathatha isinqumo sokuthi ngizimise izinhlelo zokuyikhangisa kwayo,” kusho uNandi.
Uthe ngaphandle kokuthi uyokhangisa ngelebuli yakhe phesheya kwezilwandle, lokhu ukubone kungenye yezindlela zokuyoveza ikhono lase-Afrika khona.
Uqhube wathi noma bezoqala ngokukhombisa ngelebuli emcimbini omncane phesheya kwezilwandle kodwa lokhu kuyisiqalo sezinto ezinkulu ezizokwenzeka empilweni yakhe.
Uthe nokuthi akumise ukuqhubeka nokukhangisa ngempahla yakhe yokugqoka kwakungewona umqondo omuhle kodwa ubenziwa ukuthi ubeqala ukuba nengane efuna ukunaka yona kakhulu kunezinye izinto. Ngalokho uthe akasho ukuthi indodana yakhe iza kamuva emsebenzini wakhe kodwa manje useyakwazi ukuhlanganisa impilo yasekhaya nomsebenzi.
Kulo mbukiso uthe bazobe bekhangisa ngamasudi abesifazane (power suits) athe ubone kunesikhala kuwona njengoba enganakiwe kakhulu emkhakheni wezemfashini.
Lo saziwayo uke waba yinxusa lesitolo sezimpahla zokugqoka iLegit athe akaselona manje njengoba esegxile ekumaketheni ezakhe.
Uthe kuningi okuhle azokwenza kulo nyaka kodwa angakathandi ukukudalula kodwa umsebenzi wakhe iwona ozozikhulumela.