NJENGOBA unyaka ususongwa ziningi izinto ezenzekile ikakhulukazi emculweni kamaskandi.
* Okube yingqophamlando kube yiNgqwele kaMaskandi ebihlelwe yiSolezwe ngoSepthemba, lapho kuwine khona Amageza Amahle.
Lo mcimbi ubuseCentrum Park eGugu Dlamini, eThekwini. Amageza Amahle athole U-R20 000. Njengoba kungumcimbi oqale ngasekuqaleni konyaka ukuthi ulungiselelwe awugcinanga ngokuwinisa iqembu elilodwa kodwa wawuhambela amahostela ehlukene KwaZulu-Natal naseGoli uvundulula ikhono kubaculi okukhona kubona uMaskandi Ofundile, Omakhedama, Amachube Amahle, Iduna Elimise Kahle, uMaha, MC Pholobas owayephethe uhlelo.
* UMroza uhlukanisa unyaka ngengoma ethi Olwamanqamu (Sobulala uVan Damme).
* Kube nesasasa kuvela uQhubinja obechoma ngemali nogcine enyamalala.
* NgoMashi Igcokama Elisha libe sesibhicongweni sengozi yomgwaqo ngesikhathi imoto ebelihamba ngayo ishayisana nenye kwashona abantu abathathu eVryheid ngaseHlobane.
* Ngesikhathi kuba nezinguquko emsakazweni Ukhozi FM ngo-Ephreli, kuchithwe uNgizwe Mchunu kuSigiya Ngengoma obeshayela lolu hlelo ngokubambisana noBheka Mchunu kwangena uNkosinathi Mshengu.
* NgoMeyi kube ngokokuqala ukuthi abaculi abazibiza ngeZingqongqo okunguMfiliseni Magubane noJaiva Zimnike baqophe iDVD yabo bukhoma eK Cap KwaMashu.
* Kuwona uMeyi kuphinde kwehla umshophi kwiNqokotho Maskandi Festival ebiseCurries Fountain eThekwini kushona umlandeli kaMjikijelwa ngokudutshulwa. Emngcwabeni walo mlandeli Igcokama Elisha laqhumisa ngolabhabha wempama intatheli liyisola ngokuyibhala kabi.
* NgoJulayi kuphinde kwehla omunye umshophi kushona umlandeli wamaGeza Amahle eshayiswa yimoto ngaphandle kwenkundla yezemidlalo iPeoples Park ngesikhathi kunomcimbi Impucuzeko Maskandi Festival.
Kuwona lo mcimbi abalandeli bamaskandi bazitika ngocansi ezimotweni.
UKhuzani neGcokama abebeyinkukhu nempaka bathalelene amanzi emuva kokungenelela kukaNgqongqoshe wezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal uNkk Bongi Sithole-Moloi.
Kuwona uJuly kuphinde kwashona ngokudutshulwa komculi kamaskandi owayesebenzisana namaGeza Amahle kudala uZinothi Khanyile embangweni wokumba igolide ngokungemthetho. UZinothi udutshulwa nje bekusanda kubulawa uMenziwa Biyela owayeyimeneja ka-Ali Mgube.
* Emcimbini kamaskandi iKhuphuka Nezakho obuseCurries Fountain ngo-Okthoba, uKhuzani uqophe umlando ethatha isicoco sika-R100 000 ngokuvotelwa kakhulu. Ngalo lolu suku kusuke isidididi kuxabana abalandeli emcimbini wokwethulwa kwe-albhamu kaShwi Nomtekhala eBuyafuthi, ehostela eGoli. Kulo mcimbi kuze kwaqhuma isibhamu abantu banyathelana bebaleka.
Sekuya ngasekupheleni kuka-Okthoba kuphinde kwashaqeka abaningi kulahleka umculi kamaskandi uMroza watholwa esehanjelwe yingqondo.
SISHAQE abaningi isigameko sokulahleka kukaMroza watholwa esehanjelwe wumqondo kulo nyaka
* Ngo-Okthoba abantu baphinde bashaqwa ukushona kwendodana kaPhuzekhemesi eyashayiswa yimoto yeqa umgwaqo.
* NgoNovemba kuphinde kwenzeka ingozi yemoto kwalimala abaculi bakamaskandi oMzukulu kaSdwedwe noNelisiwe Nzama bephuma emcimbini kamaskandi, Ukuthula Maskandi Festival eCurries Fountain. Njengoba kunguDisemba kushone igidangoma uMsaho owayegidela iNdidane.