ISITESHI sethelevishini esinonyaka sisunguliwe, iMoja Love (DStv channel 157) sithi sesaphela isikhathi sokubonisa izinhlelo ngokwesaba ukuthi abantu bazothini. Sikuveze lokhu ngesikhathi sethula izinhlelo zaso ezintsha eWorld of Yamaha, eSandton, eGoli ngoLwesithathu.
Uhlelo beluphethwe uPenny Lebyane ongumethuli wohlelo iKukithi La ongomunye wabethuli abaqavile abasuke naso phansi lesi siteshi.
Izinhlelo ezibhekwe ngamehlo abomvu ezizoqala ngempelasonto ezayo, uhlelo olukhuluma ngempilo kaZodwa Wabantu, iZodwa Wabantu Uncensored ezoqala ngoMgqibelo nohlelo lokuhubha abantu abangathembekile othandweni, i-Uyajola olwethulwa uJub-Jub elizoqala ngeSonto ebusuku.
Uhlelo iShow Me Love selwengeze abethuli ababili abasha, imbongi uNtsiki Mazwai nokulindeleke ukuthi likhuze ibuya ngoJuni 3. Kwethulwe nohlelo olusanda kuqala lomgosi iTMI, olwethulwa uNtando Duma, Phil Mphela noGabisile Tshabalala. Ezinye zezinhlelo ezethuliwe izinhlelo ezindala kodwa esezinabethuli abasha.
Uhlelo UThando Noxolo lusanda kwamukela umethuli omusha, * -Andile Gaelesiwe ongumethuli wohlelo lwe-SABC 1, iKhumbulekhaya. Kwethulwe nomculi uDr Malinga osanda kujoyina uhlelo iNo Excuse Pay Papgeld.
Inhloko yezinhlelo zaMoja Love, uBokani Moyo, ithe izinhlelo zabo ziveza izinto ezazikhulunyelwa phansi, abantu ababesaba ukukhuluma ngazo.
“Sikholelwa ukuneka obala lezi zinkinga ezikhungethe abantu ukugwema ukuthi zidlulele phambili kwizizukulwana. Sithi asibhekane nazo izinkinga zethu, siqhamuke nesisombululo, siyeke ukwesaba ukuthi abantu bazothini. Sikwenza lokhu ezinhlelweni zethu iNo Excuse Pay Papgeld, Uthando Noxolo neRea Tsotella,” kusho uBukani. Uthe bayaziqhenya ngokunyuka kwababukeli njengoba ngesonto bebukelwa abalinganiselwa ku-2.7 million.