IYAVUTHWA indlela eya koganela esithenjini kumsakazi woKhozi FM oke walingisa nasemdlalweni wethelevishini Uzalo, uZimiphi ‘Zimdollar’ Biyela.
Lesi silomo sisothandweni oluvutha amalangabi nosomabhizinisi waseThekwini uMnuz Mzwandile ‘MG’ Zondi. Kuvela ukuthi lo msakazi useze wethulwa nasemndenini kaZondi, nonkosikazi kaZondi kuthiwa usebamukele lobu budlelwane. Muva nje, uZimdollar kuthiwa ubehlezi eceleni kukankosikazi kaZondi kushoniwe e-Mt Elias, KwaMaphumulo, ngaseMtulwa.
Ngokusho komthombo osondelene nalezi zithandani, uZimdollar, osakaza uhlelo lwesicathamiya nolukamaskandi, lezi zithandani azihlukani, osekusele wukuthi uZondi ayozishaya zonke kaBiyela.
“Bambalwa abantu abangazi ngalolu thando ngoba seluneminyaka luqhubeka. Nemindeni yabo iyazi ngalolu thando lwabo. UZondi akapheli kubo kaZimdollar uma kunemicimbi kanjalo noZimdollar akapheli emzini kaZondi,” kusho lo mthombo ongashayi eceleni futhi osondelene kakhulu noZimdollar.
Udalule ukuthi okwenza lezi zithandani zifihle, wukuthi azikalobolani futhi ukujola kwazo kuphambene nenqubo yebandla ezikhonza kulo lakwaShembe.
Yize kunjalo kodwa umthombo uthi kuke kwashuba phakathi kukaZimdollar nonkosikazi kaZondi ngoba wayengayizwa indaba yokubangiswa yilo msakazi. Kodwa sebeyezwana ngoba bebehleli ndawonye ngisho sekubuywa emathuneni nasenkonzweni yomngcwabo,” kusho omunye umthombo osondelene nomndeni kaZondi.
Imizamo yokuthola uZimdollar ayiphumelelanga kodwa uZondi, oqale wahleka kakhulu, uvumile ukuthi banobudlelwano noZimdollar futhi osebunesikhathi buqhubeka. “Singabangani nje. Siyasizana kokuningi ngisho nasemkhakheni wamabhizinisi njengoba nginoxhaxha lwamabhizinisi. Ngiqale ukwazana naye ngesikhathi ngizosiza ozakwabo ngezincwadi zokushayela.”
Uvumile ukuthi uZimdollar ubekhona emngcwabeni wakubo futhi naye uyayihambela imicimbi yakubo kaZimdollar. “Ubengeyedwa kodwa ubehambisana nozakwabo. Nemindeni yethu iyazana.” UZondi waziwa kakhulu ngebhizinisi iSiyajabula Driving School futhi unoxhaxha lwamatekisi. Ubuye abe ngusihlalo wenhlangano efukula imiphakathi entulayo iKetanga, aphinde abe yiphini likamengameli woBumbano Driving School Operators Association nephini likasihlalo woBumbano LwamaZondi njengoba eyisizukulwane sesishoshovu somzabalazo iNkosi uBhambatha Zondi.