UJABULE ngendawo eyilingisayo yentokazi eyibhinca ekhuluma ulimi lwesiZulu olungaxutshwe nalutho, neqgqoka izimpahla zawo, uSimphiwe Ndlela (29) wasoLundi.
USimphiwe ulingisa indawo kaNokwanda emdlalweni Ithonga, kuMzansi Magic (161), ngo-8.30 ebusuku phakathi nezinsuku.
Ukukhulela kwakhe emakhaya uthe kwenze izinto zaba lula ngesikhathi enza inhlolokhono yalo mdlalo. Ngisho abaqondisi ababenza inhlolokhono, uthe bayincoma indlela enza ngayo ngosuku lokuqala.
USimphiwe uveze ukuthi ngendlela ayefuna ngayo ukungena ekulingiseni, akubanga uhambo olulula kodwa ekugcineni ngenxa yokubekezela kwaze kwalunga.
Ekhaya uthe abazali babengayizwa eyokuthi angene kulo mkhakha njengoba aze wagcina enza iziqu ze-Auditing, eDUT ngemuva kokuqeda u-matric eBhekifa High ngo-2013.
“Indawo kaNokwanda ingijabulise kakhulu ngiyithola. Ngithole ithuba lokuba omunye wabalingisi abagqamile emdlalweni omkhulu, okhuluma ngesihlava samathenda nokubulalana kosomabhizinisi ngoba bebanga imali. Ukulingisa kuwo akusho nje kuphela ukuthi umuntu uthole umsebenzi kodwa futhi wenza sidlulise isifundo ngawo,” kusho uSimphiwe.
Uveze ukuthi indlela ababukeli abamamukele ngayo uNokwanda nayo yenze wazimisela wafunda nakwabanye ozakwabo okukade bangena kulo mkhakha okukhona kubo u-Ayanda Borotho, Bonko Khoza noMenzi Biyela.
“Mina ngiqale ukudlala indawo ezongibeka phambi kwekhamera kuZalo, engikubonile wukuthi akulula ukuma phambi kwekhamera ngoba ngesinye isikhathi uyakhohlwa olayini bakho. Kodwa ukuba kulo mdlalo kungisizile ngoba benginovalo ngale ndawo kodwa ngasizwa wukuba nozakwethu abangikhuthazayo okungakhile kwangisiza, ngabona ukuthi ayenzeka amaphutha kodwa kuphinde kuqalwe phansi. Uma ubheka kulo mdlalo sibaningi esibasha kulo mkhakha kodwa basibambe ngesandla sasebenza kahle nabo,” kuchaza yena.
Uthe ukulingisa akakufundelanga kodwa ukuhambela izigcawu ezehlukene zokulingisa kwamsiza eThekwini, ePlayhouse ngoba yilapho afunda khona noma ayegxile ekulingiseni emidlalweni yasesiteji nokuba wusonkondlo.
"Engangikufuna, ukuvela kuthelevishini, namhlanje kufezekile. Ekhaya bayaziqhenya ngami futhi ngifuna ukuba yisibonelo ngisho ezinganeni zasemakhaya ukuthi noma yini oyifisayo uma nje ungakafi ingenzeka noma nini," kuchaza yena.
Uveze ukuthi indawo kaNokwanda isazoshubisa okuningi, futhi nawo umdlalo kuningi okuzokwenzeka kuwo okuzogcina ababukeli bethe njo kuwo.