INKAMPANI ekhiqiza umdlalo, Uzalo, iStained Glass TV isimemezele ukuthi ithungatha abalingisi abasha bomdlalo abazowuqopha KwaZulu-Natal maduzane.
Le nkampani izolo iveze ukuthi ifuna abalingidi abaneminyaka engu-20 luya ku-30 abakwazi ukucula nokulingisa.
Iphinde yaveza ukuthi ifuna abaneminyaka engu-18 kuya ku-65 abakhuluma ulimi lwesiZulu.
UZodwa Zuma wakwaStained Glass TV uthe lo mdlalo uzokhonjiswa kuMzansi Magic.
"Nawo uzoqoshwa KwaZulu-Natal. Siyayinxusa yonke intsha nawo wonke umuntu ozibonayo ukuthi unethalente afike kwinhlolokhono ezoba khona izinsuku ezimbili ngoLwesine nangoLwesihlanu, kusuka ngo-8 ekuseni kuze kube ihora lesine ntambama KwaMashu esikhungweni esithuthukisa amaciko i-K-Cap," kusho uZodwa.
Uthe abazofika bezozama inhlanhla bacela baphathe omazisi babo ukuze babe nesiqinisekiso seminyaka.
"Sicela baphinde balungiselele inkulumo encane abazofike balingise ngayo phambi kwamajaji azobe ekhona. Uma kuwukuthi udlulela esigabeni esilandelayo kukhona oyophinde unxuswe ukuthi ukwenze ngalo lolo suku," kuchaza yena uZodwa.
Uthe bajabule kakhulu ukuthi kuphinde kube nomunye umdlalo abawulungiselela kulesi sifundazwe futhi bakubheke ngabomvu ukuphinde bahlangane nabalingisi bakulesis ifundazwe abanethalente eliyisimanga.
Lo mdlalo uma uphumelele uzoba ngowesithathi ukuzinza kulesi sifundazwe njengoba kunoZalo, neMbewu.
Omunye obuqoshwa eShowe, Uselwa kodwa wagcina umisikwe ngenxa yezinkinga zezimali.