OSOMABHIZINISI abasafufusa nasebethuthukile abenza imikhiqizo yabantu besifazane bazothola ithuba lokukhangisa ngemikhiqizo yabo emcimbini wabesifazane weSolezwe Intandokazi.
Umcimbi uzoba ngo-Agasti 24 eCoastlands Hotel, eMhlanga.
UNksz Noluthando Ngubane, wophiko lwezokukhangisa kwiSolezwe, uthe abazobe behambele umcimbi bazobhema bakholwe ngoba uzobe uqhakambisa ubumnandi, izimfundiso ezakhayo nezeluleko zezempilo.
“Kulokhu sizobe sinodokotela ozobe eluleka, eqwashisa abesifazane ngezempilo ezithinta bona. Osomabhizinisi abenza imikhiqizo yabesifazane bazothola ithuba lokuzitholela amakhasimende nokucobelelana ngolwazi namakhasimende abo ngesikhathi bekhangisa ngemikhiqizo yabo,” kusho uNksz Ngubane.
Uthe abantu besifazane abafisa ukuhlanganyela nabanye besifazane kumele baphuthume ecomputicket ngoba amathikithi okungena asekhona .
“Ithikithi libiza uR500 lilinye. Isikhulumi sosuku kuzobe kuwuNksz Zodwa Msimang we-Ikhono Communications. Abaculi nabanye abantu abazobe benandisa sebemi ngomumo ukuphakela izihambeli ngolozolo lomculo,” kusho uNksz Ngubane.