UNETHEMBA lokuthi uzophumelela umlingisi (17) osemncane okulindeleke ukuthi ayokwenza inhlolokhono phesheya.
UTerena Dlamini, ofunda esikoleni esizimele iHillcrest Collegiate, kulindeleke ukuthi alibangise e-Orlando eFlorida, e-United States of America (USA) ngoJulayi ayokwenza inhlolokhono yezokulingisa.
Uthe leli thuba lisho lukhulu kuyena ngoba lingambeka ethubeni lokuphumelela kwezokulingisa nokuyinto ayithanda eseyingane.
UTerena, ohlelelwa yinkampani eyeseka abaculi nabalingisi iJust You ukuthi aye phesheya, uthe yena nomfowabo baqale ukulingisa besebancane kuyinto abachitha ngayo isizungu.
“Ngeke ngiqambe amanga kodwa ukuya phesheya akusiyo into encane. Ababaningi abantu abathola ithuba engilitholile lokuyolingisa phambi kwabantu abakhulu kwezokulingisa. Izingane eziba namaphupho anjena akuzona zonke ezikwazi ukuwaphumelelisa,” kusho uTerena.
Uthe njengoba ehamba uzoqhakambisa iNingizimu Afrika abe ngomunye wabalingisi abasebancane abaya kule nhlolokhono.
Inhlolokhono kulindeleke ukuthi ihanjelwe abantu abavela emazweni ehlukene abazobe becula, abanye belingisa, abanye bemodela baphinde baveze amanye amakhono abanawo ngethemba lokuthola amathuba okulingisa phesheya.
Uthe lokhu kungaphinde kuholele nasekutheni agcine esefunda phesheya njengoba abaxhasi benhlolokhono bephinde banike izingane ezivela e-Afrika imifundaze ukuze zifunde phesheya.
UTerena uthe unethemba lokuthi nabanye abantwana abasakhula bangabona yena bakholelwe ekutheni amaphupho abo angaphumelela.
Uyise, uMnuz Elphas Dlamini, uthe bayalijabulela ithuba elitholwe yindodakazi yabo.
Uthe indodakazi yakhe ayigcini ngokuthanda ukulingisa kodwa ithanda nezemidlalo. Uthe bafisa sengathi bangaxhaswa ngoba kudingeka abe nemali elinganiselwa kuR75 000 ukuze aqinisekise ukuthi iphupho layo liyafezeka.