LILELE kuDladla Mshunqisi, Mlindo The Vocalist neGcokama Elisha ithemba leKwaZulu-Natal lokuhlabana kwiSABC Summer Song yalo nyaka.
Abasunguli bomncintiswano bacele ukuthi abantu baphawule ngezingoma eziwu-10 abazikhethile. Ukuvota kwavalwa ngoMgqibelo.
Ekhasini leTwitter leSummer Song obekuvotwa kulo kuthiwa uDJ Tira nengoma yakhe ethi Happy Days ukhale ngaphansi.
Ngaphandle kwakhe kuthiwa kukhishwe noSPHEctacula noNaves ngengoma ethi Bhampa noDr Malinga obengene ngengoma ethi Solalek’seni akalibonanga elidlalayo.
Ezikhaleni zabo kungene uDladla Mshunqisi ngengoma ethi Amalukuluku, Vetkuk vs Mahoota ngeZiwa Murtu noMaster KG onengoma ethi Skeleton Move.
Izingoma ezisele yiBanomoya (Prince Kaybee), Macala (Mlindo The Vocalist), Asiphelelanga (Vusi Nova), Zizojika Izinto (Igcokama Elisha), Iwalk YePhara (DJ Maphorisa), Fela in Versace (AKA), neMalwedhe (King Monada).
DLADLA MSHUNQISI
U-Owen Ndlovu wenkampani iMichael Owen Productions ehlela umncintiswano, akavumanga futhi akaphikanga ukuthi kukhishwe abaculi abathathu. Uthe bazomemezela maduze.
Uthe uhla lwezingoma lukhethwe yikomidi labo ngaphambi kokulidedela kubantu ukuthi baphawule ngalo. “Sibheke udumo nokudlalwa emsakazweni kwezingoma. Siphinde sacela ukuphawula kwabanye abantu abasembonini.”
Uthe kusukela ngonyaka ozayo ngeke kusaba yibo abakhetha uhla lwezingoma. “Iminyaka emithathu eyedlule besisawuhlola umncintiswano. Ngonyaka ozayo izingoma eziwu-10 zizokhethwa yizintatheli ezibika ngomculo, hhayi ikomiti, bese abantu bayavota.”