BAFUNA ukujabulisa abalandeli bomdlalo iThe Queen abasunguli bawo njengoba kusuka ngoMsombuluko bebeqopha iziqephu ezahlukene eThekwini.
Abalingisi balo mdlalo bahlale isonto lonke beqopha iziqephu ezahlukene esikhumulweni sezindiza iKing Shaka naseZimbali kusuka ekuqaleni kwaleli sonto.
Engxoxweni ekhethekile neSolezwe, uConnie Ferguson ongomunye wabasunguli bomdlalo uthe, njengoba sebeya ekugcineni kwesizini yesithathu babone kungcono ukuthi umdlalo uphelele ngapha KwaZulu Natal.
“Kukhona lapho umdlalo uya khona, okuzoholela ekutheni uze uphoqe ukuthi kuziwe KwaZulu-Natal. Ngakho sibone kungcono ukuthi lezi ziqephu ezikhuluma ngeKwaZulu-Natal sivele sizoziqophela khona ukuze nabalandeli bethu bajabule,” kuchaza uConnie.
Uthe kuningi okuzojabulisa ababukeli bawo ngakho okubalwa nezingxabano zomndeni ezilokhu ziqhubekile.
“Izingxabano zomndeni zizogqama kakhulu maduzane njengoba sazi ukuthi kuhlale kukhona ukungaboni ngaso linye. Isizini entsha noma ngingeke ngikhulume ngayo kakhulu njengoba singakaqali nokuyiqopha kodwa nayo izoqhubeka ijabulise ababukeli bomdlalo,” kuchaza uConnie.
Ubonge bonke ababukeli balo mdlalo abalokhu beqhubekile nokubaxhasa selokhu waqala umdlalo.
UDINEO Moketsi naye obekhona kushuthwa eThekwini
“Ukube ababukeli bomdlalo abawuthakaseli ngabe asikho la sikhona manje. Kuningi okujabulisayo abantu bakuleli abasazokubona,” kuchaza yena.
Ebuzwa ukuthi njengoba sebekhiqize imidlalo ehlukene kuleli ngabe kukhona yini eminye abamatasa ngayo.
“Okwamanje simatasa ngeThe Queen neThe Throne kodwa kukhona eminye emibili esiyiphekayo engingeke ngande kakhulu ngayo. Abantu kuningi abangakulindela ngaphansi kwenkampani yethu,” kusho uConnie.
Kubalingisi abebekhona bekuwuDineo Moeketsi, Rami Chuene, SK Khoza, Themba Ndaba, Zenande Mfenyana, Shona Ferguson noZandile Msutwana.