INTOKAZI yaseThekwini, uMinenhle “Minnie” Dlamini-Jones, udalule ukuthi bese kuphele iminyaka emihlanu ehlanganisa imkhiqizo yakhe yokugcoba nokugeza ayimemezele ngoMsombuluko ntambama.
UMinnie uthi kube uhambo olungelula obelumfakela ingcindezi ngezinye izikhathi.
“Ekugcineni ngijatshuliswa ukuthi lezi zigcobo sezikhona, ngithokozile kakhulu. Yize bekunzima futhi kuthathe isikhathi eside kodwa imiphumela iyajabulisa ngempela, abantu kumele bazi ukuthi angibadayiseli nje imikhiqizo engingayazi, nami imbala ngiyisebenzisile futhi imiphumela yayo iyamangalisa,” kuchaza uMinnie.
Uthe le mikhiqizo isikhona kwezinye zezitolo zakwaClicks kuleli.
“Ngiyabonga kakhulu uthando abantu abangikhombise lona ngesikhathi ngimemezela lezi zindaba, kusho lukhulu kimina,” kuchaza yena.
Iningi labantu limjabulele uMinnie ngokukhipha le mikhiqizo, lincoma indlela ebukeka ngayo.
Kunconywe futhi nokuthi le mikhiqizo ayibizi, ngeke ize idle ephaketheni lamuntu, izothengwa yiwona wonke umuntu wakuleli oyithandayo.
UMinnie umemezela lo mkhiqizo nje, intokazi engumethuli wezinhlelo nomlingisi, uBonnie Mbuli usanda kumemezela iziphaqulo zakhe azenze nenkampani enkulu yaseLondon, yakwaYardley.
Nazo iziphaqulo zale ntokazi zathandwa ngabaningi ngoba kazidli kakhulu ephaketheni.
Kwabanye bosaziwayo bakuleli abanemikhiqizo yabo, kukhona uConnie Ferguson noBoity Thulo.