IZITESHI zethelevishini ezingaphansi kweSABC ne-e.tv sezizothola imbangi entsha ngemuva kokuthi inhlangano ekhipha amalayisensi okusakaza, i-Independent Communications Authority of South Africa (Icasa), inikeze iKwesé Free TV imvume yokusaza.
IKwesé ithole ilayisensi ngemuva kokuthi i-Icasa icele abantu ukuthi bafake izicelo zesiteshi samahhala ngo-2017.
UDimakatso Qocha, ongomunye wabengamele i-Icasa, uthe ukusakaza kuneqhaza elikhulu enkululekweni yakuleli futhi kunikeza abantu ithuba lokuthi baveze imibono ehlukene kugqugquzele nokuthi abantu bahlale ngokubekezelelana.
“Kuwumsebenzi wethu ukugqugquzelea ukuncintisana kulo mkhakha esiwulawulayo,” kusho yena.
Uthe kumele benze isiqiniseko sokuthi bonke abantu baseNingizimu Afrika bathola ezokuxhumana ezehlukene.
Okhulumela i-Icasa, uPaseka Maleka, utshele Isolezwe ukuthi lesi siteshi sizimele futhi sizoncintisana neSABC ne-e.tv.
“Asikho isidingo sokuthi abantu babhalisele ukusibuka ngoba bazosithola mahhala,” kusho uPaseka.
Uqhube wathi othola ilayisensi unezinyanga ezingu-24 ukuthi ethule isiteshi ngokuphelele.
Kuvela ukuthi iKwesé isikhona emazweni angu-19 e-Afrika. Kuthiwa iza nezinhlelo zemidlalo nezinye.
Kwenzeka lokhu nje, iningi lilinde isiteshi sezindaba esizongena esikhundleni se-ANN7.