ISINOHLELO lwayo emsakazweni iVuma FM, ingoduso yowayengumengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma.
UNonkanyiso “La Conco” Conco (24) waseMatatiele kodwa osenomuzi endaweni yomntakabani eBallito, uqale ukuzwakala kulo msakazo ngoLwesine ebusuku.
Uthula uhlelo iWomen in Conversation olucubungula izinkinga abantu besifazane ababhekana nazo nsuku zonke.
Ekhuluma neSolezwe ngeSonto, uthe uswele amaphiko okundiza ngokuthola leli thuba ayekade elilangazelela.
“Bekuhlezi kuyiphupho lami ukusebenza emsakazweni. Ngike ngasebenza emsakazweni womphakathi iminyaka embili ngesikhathi ngisafunda. Sekunesikhathi ngihamba ngingqongqoza emisakazweni ngicela banginikeze ithuba. Iyona ndlela engifisa ukubuyisela ngayo emphakathini wakithi ngethemba lokuthi kuzoletha ushintsho,” kusho uLa Conco.
Uthe ohlelweni lwakhe lokuqala umeme umbhali wezincwadi ophinde abe umeluleki kwezomshado, uNk Thandi Ngonelo ukuthi azokweluleka abesifazane ngendlela yokuziphatha emshadweni.
“Kunezinto abantu besifazane ababhekana nazo nsuku zonke kodwa abangakhulumi ngazo. Ngizomema abesifazane abanohlonze noma abathintekayo esihlokweni engizobe ngisidingida ukuhlomisa abesifazane. Kule nyanga sizobheka ukudlwengulwa nokuthi abesifazane bangabhekana kanjani nokhwantalala,” kusho uLa Conco.
Uthi lolu hlelo yisiqalo sezinto ezinhle.
“Kusazofiwa, abantu bazothola kabanzi ngalolu hlelo ekhasini lami ku-Instagram @_laconco. Bengisanyamalele ku-Facebook noTwitter kodwa ngizobuya,” kusho uLa Conco.
Uthe uyazi ukuthi kunabantu abazomehlulela ngohlelo kodwa ucela bazinikeze isikhathi bamlalele.
Ubonge abantu asondelene nabo ngokumsiza ukuthi abe ngowesifazane okhulile ngokomqondo yize esemncane ngeminyaka.
Ebuzwa ngobudlelwane bakhe noZuma (76) okwavela ukuthi ubelethe ingane yakhe ngo-Ephreli nonyaka, uLa Conco wenqabile ukuphawula.
Uthe okwamanje usafisa kugxilwe emsebenzini wakhe, kuhlonishwe impilo yakhe yangasese.