KUKHALWA ngesiteshi somsakazo esingabahloniphi abalaleli ngokuvele senze izinguquko kushintshwe abasakazi isinomakanjani ezinhlelweni ezinkulu.
Isiteshi Izwi LoMzansi FM, esinye seziteshi esihlonishwayo eThekwini ngokukhiqiza abasakazi abasebenzela imisakazo emikhulu, kodwa muva nje abalaleli balesi siteshi bashaya amakhala ngendlela esisebenza ngayo.
Lokhu kulandela ukuthi kunabasakazi abathandwayo nabenza izinhlelo ezilandelwa kakhulu esekuphele cishe amasonto amabili bengazwakali emoyeni.
UCindy Shezi owenza uhlelo lwasemini Isenza Kwenzeke phakathi nezinsuku olungena ngo-9 kuya-12, sekuphele amasonto amabili engazwakali emoyeni kunalokho kuzwakale umsakazi omusha.
Abanye abalaleli balesi siteshi baze babhalela leli phephandaba bekhala ngokungahlonishwa yiziphathimandla zalo msakazo.
Ngaphandle kwakhe, kukhona noSboniso Makhanya naye oke wanyamalala emoyeni nasohlelweni alwethulayo Ikusasa Lethu.
Umphathi walesi siteshi uMnuz Vela Xulu naye onokubuye azwakale emoyeni, uvumile ukuthi lokhu kuyiqiniso.
“UMakhanya ubuyile ngoLwesibili emsakazweni. Kukhona izinto abesacele ukuyozilungisa. Abasakazi nabo bangabantu. Kunezinto abasuke bedinga ukuzenza. Yingakho singanqabi uma umuntu ecela izinsuku. Okwamanje azikho izinguquko esizozenza. Abasakazi bazoqhubeka nezinhlelo zabo. Sibashintsha abasakazi uma kunesidingo,” kusho uXulu.
Leli phephandaba liphinde lathola ngomthombo othembekile ukuthi kunabasakazi lesi siteshi ebesizama ukubaxosha ngoba kukhona abathile ebebephendlelwa izikhala.
Lo mthombo uveze ukuthi laba abangezwakali emsakazweni babuye basolwe nangokwenza eminye imisebenzi eceleni ebangenisela imali, nento abazama ukubavala kuyo abaphathi.
UXulu uthe kungamampunge ukuthi baxosha abantu. “Inhloso yethu ukuthuthukisa abantu. Ngeke sikwenze lokho ngokubaxosha. UCindy akekho ngoba naye usayolungisa izinto zakhe. USfiso Ngcobo uyena umuntu ongasekho. Naye wacela ukuyolungisa izinto ezithile eziqondene naye,” kusho uXulu.
Ukuvezile ukuthi bakhona abasakazi ababili abanabo, omunye wabo uthe ubevele engaphakathi kodwa ethula ezomgwaqo.
Phakathi kwabasakazi abasha kubalwa uSiyabonga Mjwara noSfiso Majola.
Ethintwa uCindy, uvumile ukuthi sekunesikhathi engasebenzi kodwa waphika ukuthi uxoshiwe.
“Ngokwazi kwami angixoshiwe kodwa ngoba angiziphethe ngicela uthinte abaphathi bami,” kusho uCindy.