Kusuke isidumo emcimbini iMother of All Maskandi Festival ePeople’s Park, eThekwini, ngoMgqibelo ebusuku uZimdolllar ethuka futhi ephuca umbhobho uMthandeni “Igcokama Elisha” Manqele esiteji.
UMthandeni ungene esiteji wamemeza wathi, “izandla phezulu sekufike inkosi kamaskandi manje”. Ukusho lokhu ngaphambi kokuqala ingoma namagidangoma akhe egcwele esiteji.
Emva kwesikhashana uthe evumisa izethameli ingoma kwakhona owesilisa okungathi umtshela ukuthi akahume.
“Bafowethu isiphelile i-airtime, basho njalo abahleli bomcimbi,” kusho uMthandeni.
Uthe esachaza kwaqhamuka uZimdollar ovele wamphuca umbhobho wathi “fus%$i!”
Abantu bavele bajikijela esiteji izigubhu namabhodlela.
“Sifuna ukunitshela, noma ningasishaya. Sifuna ukunitshela ukuthi kwenzakaleni.”
Uthe ngokwesikhathi abenikezwe sona bekungamele angene sekuqale i-top 30 yabaculi abebesembangweni weToyota Quantum egcine iwinwa wuGatsheni.
“Noma ningasishaya, noma ningenzani angifuna mina ukonelwa umcimbi wumuntu ongasigcinanga isikhathi. Fu%$i wena!” kusho uZimdollar.
Abantu bebephuma ngobuningi babo emcimbini badela imvula ebihambisana namakhaza.