Inkakha yomlingisi esidlulile emhlabeni uNomhle Nkonyeni. Isithombe: Market Theatre

ISIDLULILE emhlabeni inkakha yomlingisi uNomhle Nkonyeni. 

Lo mlingisi ohlonishwe umengameli Cyril Ramaphosa ngendondo ye-Order of Ikhamanga in Silver ngasekuqaleni kwalo nyaka ubesehlale esibhedlela kusukela ngoLwesihlanu. 

Umshana kaNomhle uqinisekise lezi zindaba waveza ukuthi udlule emhlabeni ngoLwesithathu ngo 4.30 ekuseni.

UNomhle uzakhele udumo emidlalweni yethelevishini okubalwa kuyo iMzansi, Tsha Tsha, neSociety. Ngo-2017 ulingise indawo kaLulama Langa kumdlalo wansuku zonke ku etv iScandal!. 

Ngo-2016 lo mlingisi uhlonishwe ngendondo yeLifetime Achievement kumaSouth African Film and Television Awards. 

Umlingisi uNomhle Nkonyeni ngesikhathi ehlonishwa umengameli Cyril Ramaphosa nge-Order of Ikhamanga in silver ngomsebenzi asewenzile kwezobuciko kuleli. Isithombe: GCIS