NGIHLABEKE umxhwele ngeSonto, ngesikhathi ngibuka uhlelo lokuqhudelana ngokupheka, iMy Kitchen Rules, nalapho izintokazi zaseThekwini uMinnie noTee, bedlulele esigabeni esilandelayo sekuvalwe amehlo kuM-Net (Channel 101).
Laba bakhombisile ukuthi uma into uyithanda ngisho sekunzima kanjani kodwa ekugcineni ungaphumelela.
Nami enhliziyweni bese ngizitshelile ukuthi bayaphuma ohlelweni lwangeSonto njengoba nangeledlule bagxekwa ngokudla ababekade bekuphekile.
UJ’ Something oyijaji kulolu hlelo wakuveza ukuthi okwenziwe yilezi zintokazi ekudleni ezikuphekile akwamukelekile njengoba kwakunganambitheki.
Kodwa ngemuva kokunikwa elinye ithuba ngeSonto esiphuma kulo uMinnie noTee bashiye amajaji ebambe ongezansi futhi baqhubekela esigabeni esilandelayo njengoba bepheke ukudla okuconsisa amathe futhi bakhipha lonke ikhono abanalo.
Lokhu kudale ukuthi kuphume abapheki ukudla kwabo obekuhlala kunconywa uDirk noBahia baseKapa.
Ukuzimisela kwalezi zintokazi kutshengisile ukuthi uma uzethemba futhi uzimisela ungenza noma yini futhi uphumelele.
Laba bake babonakala kuma-Idols nakhona abahamba izigaba ezihlukene kodwa abangaphumelela.
Ukuzimisela kwabo kukhombise ukuthi uma bengaqhubeka ngale ndlela kungabanika ithuba elihle kulolu hlelo ekugcineni nokungababeka ethubeni lokuthi badle umhlanganiso.
Okunye okungifikelile ngukuthi intsha ejwayele ukuthi ibonakale ezinhlelweni ezehlukene izama inhlanhla kumele ingazibeki phansi kungaba kuhle ukuthi uma ihluleka kwezinye izinhlelo zamakhono izame nakwezinye eyaziyo ukuthi ingangena khaxa kuzo.
Kungenzeka ukuthi njengoba lezi zintokazi kungazihambelanga kahle kuma-Idols kodwa kuMy Kitchen Rules kulapho kuzofezeka khona amaphupho azo.
Ukungathokozelwa kokudla kwazo izikhathi eziningi kodwa uma zinikwa elinye ithuba lokugcina zigile izimanga, kungazibeka ethubeni elihle lokudla umhlanganiso zihlule abafike bezethemba ukuthi bayalishaya ibhodwe.
Intsha ingazibona ingaphumeleli ezintweni ezibona ukuthi iyazithanda kodwa ukuzama kwezinye kungazibeka emathubeni amahle.
Ukuzama inhlanhla kwalezi zintokazi kulolu hlelo kutshengisile ukuthi zinesibindi.
Isifundazwe iKwaZulu-Natal kusasihambela kahle kuMy Kitchen Rules njengoba kusasele abantu abayisithupha okubalwa uMinnie noTee, Rox noSpoen baseBergville noKim noPashi baseThekwini.