ISILOMO sikaDJ waseThekwini esizakhele udumo ngokuqopha amanoni ezingoma ezishise izikhotha, uDJ Merlon, kuthiwa sidlelwe imoto ngenxa yokuhluleka ukuyikhokhela.
Kumanje iBMW 4 Series ebomvu kaDJ Merlon, owaziwa ngenoni elithi: Koze Kuse, Ubugingqigingqi neSonini, ise-Aucor, eRiverhorse Valley, eThekwini, okuyinkampani edayisa izimoto ezidliwe ngamabhange ngoba zingasakhokhelwa.
Ngokuthola kweSolezwe ngeSonto ngomthombo walo, imoto kaMerlon uzithela kuyona uma ungena e-Aucor, futhi kulula ukuyibona ngoba ibhalwe negama lakhe kwi-number plate.
Ebuzwa uMerlon ngayo uthe ayidliwe kodwa uyena othathe isinqumo esinzima sokuyiphindisela emuva ngoba umatasa wakha umuzi wakhe eBallito.
“Ngibone singekho isidingo sokuthi ngigcine le moto ngoba isuke yafelwa yi-turbo kanti kuyabiza ukuyikhanda. Ngithathe isinqumo sokuthi ngiyiphindisele eSMG emasontweni amathathu edlule, ngase ngithenga ezinye izimoto ezimbili ezincane. Kumanje ngihamba ngeFord Fiesta eyesibili ngeke ngiyidalule ngoba ayikakafiki kimina kodwa iyeza,” kusho uMerlon.
U-DJ Merlon uthi ayidliwe imoto yakhe kodwa uyiphindisele emuva ngoba ematasa nokuthi wakha umuzi futhi ecasulwa ukuthi ife iTurbo kanti iyabiza Isithombe: INSTAGRAM / DJ MERLON
Ebuzwa ukuthi ifike kanjani e-Aucor, uthe akanalwazi lokuthi ikuphi nokuthi izodayiswa kanjani kodwa yena uyiphindisele kwaSMG eThekwini.
Abakwa-Aucor bakuqinisekisile ukuthi idliwe le moto, futhi izodayiswa esidlangalaleni ngoLwesibili.
Owesifazane wakwa-Aucor okhulume nephephandaba uthe: “Kuyenzeka sidayise izimoto ezisuke zilethwe amagaraji ezingadliwe kubantu. Le okhuluma ngayo idliwe futhi izodayiswa esidlangalaleni ngoLwesibili. Ngeke ngikwazi ukudalula imininingwane yokuthi idliwe nini kodwa yona ikhona futhi izobe idayiswa ngoLwesibili,” kusho lo wesifazane.
Sekubuyelwa kuMerlon etshelwa ukuthi imoto yakhe idliwe, uvele wabhoka ngolaka wathi, akasenawo umdlandla wokuchaza indaba yale moto.
“Othi imoto idliwe kulungile okwakhe lokho. Angikweleti muntu incazelo ngayo. Abantu bayathanda ukukhuluma izinto ezingeke zibasize ngalutho. Kumele engabe banaka umculo omnandi lo engibenzela wona bayeke izinto ezingabadingi. Sengimdala manje ngineminyaka engu-35, bekumele ngikhule ngibe nomuzi wami. Impilo iyashintsha kunoma ubani futhi akuqali ngami ukuthi kube nomuntu othatha isinqumo sokuphindisela imoto emuva ngoba efuna ukwenza ezinye izinto, noChynaman wake wakwenza lokhu,” kuqhuba uMerlon.
Uthe besingekho nesidingo sokuxebula i-number plate enegama lakhe ngoba akukho akufihlayo. Uveze ukuthi ubengeke axakwe ukuyikhokhela ngoba kwamanje imali ayikhokhela izimoto zakhe ezimbili iyalingana nabeyikhokhela iBMW.
Kuvela lezi zindaba nje nyakenye ngoMashi Isolezwe ngeSonto libike ukuthi uMerlon usolwa ngusomabhizinisi waseThekwini uCalvin Mathibeli, ngokubaleka noR300 000 athi wayemboleke eyokwenza umcimbi wagcina engawukhokhanga.
Ngokuhamba kwesikhathi bagcine bethelelene amanzi.