“NGINGAKUJABULELA ukubuyela emsakazweni uKhozi FM.” La mazwi ashiwo nguLinda “Mr Magic” Sibiya kulandela ukuthi lihoxisiwe icala elamxoshisa kuKhozi FM ngo-2014. Uthe akanandaba ngisho angafakwa ngo-12 ebusuku ngingalubamba lolo hlelo ngisebenze. “Abantu kufanele bazi ukuthi ngiyawuthanda umbhobho,” kusho uLinda. Uthe ukuhoxa kwecala lakhe lokukhwabanisa imali ebilinganiselwa ku R1.8 million abeseligqigqe iminyaka emine, kumethule umthwalo.
“Ngijabule ngoba ekugcineni igama lami ligezekile kwahlala obala ukuthi iSABC yenza iphutha. Sengedlule kokwenzeka futhi anginagqubu namuntu ngisho nalowo owangixoshisa. Bekungiphatha kabi uma ngicabanga indlela engakhishwa ngayo. Anginikwanga sexwayiso, angizange ngimiswe emsebenzini kodwa ngavele ngaxoshwa nje. Okwami kwenzeka isigubhukane namanje ngiyazibuza ukuthi kwakujahwephi?”
Uthe njengoba enqobile ithimba labameli bakhe lizohlangana neSABC kubhungwe ngaye ngoba isivumelwano sokusebenza sakhe seminyaka emithathu sasisalelwe yiminyaka emibili ngesikhathi exoshwa.
“Kuzocaca uma sebexoxa ukuthi kwenzekani ngami. Ngingakujabulela ukuthi le minyaka emibili esele kwisivumelano sami nginikwe ithuba ngiyisebenze. Phezu kwalokho ngingasamukela futhi isinqumo abangavumelana ngaso.” UBonge umsakazi woKhozi FM uBheka “BK” Mchunu ngokumeseka yize abanye abantu bebengasabonwa.