AKUKAPHELI sikhathi esingakanani uFelix Hlophe noKhaya “GC” Dladla bengene ohlelweni lwasekuseni phakathi nesonto kwiGagasi FM.
Bangene emva kwezinguquko ezenziwe kulo msakazo. Bavale isikhala sikaMzokoloko Gumede osekuKhozi FM noHeazy osengena ohlelweni lwango-12 kuya ku-3 phakathi nesonto noDJ Le Soul.
UMzokoloko bese elwakhile lolu hlelo ngoba kuthiwa belubalwa nezinye ezihamba phambiili ngabalaleli kulo msakazo ngakho uFelix ungene ohlelweni olunegama impela.
Ngike ngathi ukulalela ezinsukwini ezedlule ngezwa kulaleleka.
UFelix usenesikhathi eyibambile emsakazweni esakaza izinhlelo ezehlukene ngoba uke wangena nasekuseni kwiVuma FM eyibamba noLeleti Khumalo noMo. KwiGagasi ufakwe ekuseni nje, ubesuka ohlelweni lwasemini lapho ezakhele khona igama.
Kube yisinqumo esihle ukuthi abaphathi bamfake ekuseni ngoba unamava.
Into engichaze kakhulu yizinto abanazo ohlelweni. Kukhona isigaba engisizwe sifundisa ngezithakazelo.
Ngosuku kuba nesibongo esithize bese besitshela izithakazelo zakhona. Yinto emnandi futhi enhle lena ngoba iyafundisa.
Okuhle ukuthi iGagasi lisakazela KwaZulu-Natal futhi siyadinga ukwazana kangcono sisodwa ngakho lesi sigaba siyasiza ngokuthi sazane. Yinto ecishe ifane nengayizwa ohlelweni lwasekuseni kwi-East Coast Radio lapho beba nesigaba sokufundisa ngamagama esiZulu.
Okunye okumnandi engikuzwe ohlelweni lukaFelix yisigaba sabathengi abasibiza ngeKhokha Sbali. Lapha kushaya umuntu onenkinga nesitolo esimkweleta imali. Kusizakala abantu ngoba bathola nokwazi amalungelo abo futhi bonke abantu abathintekayo bayabashayela ukuze baziphendulele.
Nesigaba se-prank sikhona.
Umdidiyeli uNjabs Zwane uluqoqe kahle lolu hlelo luyalaleleka.
Ngaphezu kokushiwo wumsakazi kodwa izigatshana eziba sohlelweni zidlala indima enkulu ekutheni uhlelo lube mnandi.
UKhaya akagcini ngokubika ngokwenzeka emgwaqweni kuphela kodwa uyaphawula futhi into uyisho njengoba injalo nokuyinto enhle. Naye uNjabs ufana nomunye wabasakazi ngoba ubuye akhulume.
Ungangibhalela [email protected] noma kuTwitter @fanelebengu