KUBUKEKA izinto zimhambela kahle umculi kamaskandi uKhuzani "Indlamlenze" Mpungose njengoba kulezi zinsuku kukhulunywa ngencwadi ekhuluma ngempilo yakhe okuyinto engajwayelekile komaskandi.
Iningi lomaskandi livamise ukugxila ekuqopheni umculo nokuklolodelana ezingomeni kodwa uKhuzani ulokhu eqophe umlando ngezinto ezilokhu zenzeka empilweni yakhe.
Kuyaqala ngqa ukuba kubhalwe incwadi ngomculi kamaskandi esadla anhlamvana.
Lo mculi akalitholanga ithuba lokucula nentandokazi yomculi kamaskandi uMgqumeni owadlula emhlabeni ngo-2009 kodwa waqopha umlando eqedela enye yama-albhamu akhe iSecret eyayishiywe yilo mculi engayiqedile. Abaningi abazange bezwe ukuthi ezinye izingoma zase ziculwa uKhuzani ngenxa yokuba nekhono lokushaya ushuni kaMgqumeni.
Kusuka lapho uKhuzani izinto zibukeke zimhambela kahle njengoba engomunye wabaculi onabalandeli abaningi.
Indidane eyayimbangi enkulu noMgqumeni nayo engasekho ungathi yayiphrofetha uma ithi ngokuhamba kwesikhathi akekho oyomelana noKhuzani ngendlela igama lakhe elizophakama ngayo emculweni.
Naye ubelokhu ebambelele emagameni eNdidane ekuveza ukuthi nasezingomeni zakhe ngokwashiwo iyona.
Ngaphandle kwencwadi okukhulunywa ngayo uKhuzani useke waqopha umlando ngomcimbo i#Gcwalis' iMabhida obe ngumculi wokuqala kamaskandi okwazi ukugcwalisa le nkundla eyinselele kubona bonke abaculi.
Kulo mcimbi uKhuzani ufike wethula nesiqholo sakhe obekungezinye zezinto ezingandile komaskandi. Emicimbini eminingi uKhuzani ungomunye wabaculi abahlonishwayo nokwenziwa isiqiniseko ukuthi uyagcina ukunandisa ngenhloso yokubamba abalandeli bakamaskandi. Lo mkhuba wokugcina ukunandisa uqale ngesikhathi seNdidane obekwaziwa ukuthi usuke usuwuvala umcimbi uma usufaka yona.
View this post on Instagram
Ayaphela amaphupho iyaphuma incwadi yomlando weqhawe lasekuKhulumeni🔥🔥🔥🔥
A post shared by Khuzani INdlamlenze Mpungose(@khuzani_mpungose) on Jun 28, 2019 at 7:20am PDT
Kwenzeka konke lokhu uphinde abe yinxusa lezimpahla zokugqoka iJonathan D. Ngonyaka ozayo kuthiwa iyeza neDVD yakhe equkethe nomcimbi waseMoses Mabhida stadium.
NgoDisemba kulo nyaka kuzobe kuhlangana iminyaka engu-10 kwashona uMgqumeni kanti ngonyaka ozayo kuzobe kuhlangana iminyaka engu-10 uKhuzani esemculweni kamaskandi.