IPHENDUKE undabuzekwayo ezinkundleni zokuxhumana yaze yavala isasasa losuku lwezithandani 'inkomfa yamadoda' ebizwa ngokuthi iMen's Conference.
Le nkomfa ubungafunga ukuthi yinto yangempela njengoba ithathe abantu abaningi ngisho osoziwayo, osopolitiki, osomabhizinisi ngisho nabantu bamazwe angomakhelwane.
Ezinkundleni zokuxhumana bekubhuza izithombe ezihlelwe ngamazinga ahlukene abantu, izifundazwe namadolobha kanjalo nemikhakha yemisebenzi abayenzayo.
Obekuhlaba umxhwele nobekwenza le nkomfa ibenesasa ukuthi beyilokhu iyimfihlo njalo indawo ezobanjelwa kuyo. Lokhu kwenze wonke umuntu afuna ukwazi ukuthi ngeyiphi lendawo. Okushiye abantu bengawuvali umlomo uhlu lwabantu abakhishwe ngezikhundla ezahlukene kuwo okubalwa nobengumengameli waseNingizimu Afrika ekuthiwa uzokhuluma ngesithembu.
Usomahlaya uMondli Mzizi negama lakhe like lavela njengomphathi wohlelo, izitabane nazo bezikhona ohlwini lwezikhulumi eziqavile kulo mcimbi.
Izithombe ezisabalale ezinkundleni zokuxhumana bezixoxa indaba ngohlobo lwamadoda atholakala ezifundazweni ezahlukene nohlobo lwemisiko nezitayela azigqokayo. Isifundazwe saKwaZulu-Natal besimelwe amabhinca amabhulukwe obrentwood, iGoli limelwe oswenkwa nezinye izifundaze zibekwe ngohlu lwazo.
Izicukuthwane ezikhethekile zakwamanye amazwe nazo zibonakale ziswenke ziconsa zingena kuleli ukuzohambela 'inkomfa'. Abaculi baphesheya kwezilwandlea uJayz noP Diddy nabo bebengabanye babantu abathathwa njengezihambeli zenkomfa yodumo. Abantu abaningi babone le nkomfa njengento yokubalekela izindleko zeValentine's Day. Abesifazane nabo sebesabise ngokuthi bazophambana namadoda uma ebuya kule nkomfa nabo ayobamba isiguqo sabo.
Nanka amazwibela enkomfa ezinkundleni zokuxhumana:
@CityofJoburgZA YOU DID WHAT? 😲 #MensConference organizing committee @tumisole @manghumani @TakaTina1
Please note, Durban is hosting the #MensConference next year, 2020. https://t.co/Cy1mxtsKOC
— eThekwini Muni (@eThekwiniM) February 14, 2019
Off we go #MensConference19 @lutzhlangani✊🏽 pic.twitter.com/SMVFNnH1Q0
— Groti. (@sihle_qumza) February 14, 2019
#MensConference #mensconference19 #MensConference2019 si on guys! 😅 pic.twitter.com/Kfj0KUIFMY
— Matty (@danny_maty) February 14, 2019
As we arrive at #mensconference19 pic.twitter.com/2OYOAEyA52
— Philani Nyawo (@philani_nyawo) February 14, 2019
Guys I'm still trying to register, the queue is is insane #mensconference19 pic.twitter.com/IYBASFK5dW
— Mandla Gingirikani (@mandlamZA) February 14, 2019