IGCINE iphumile i-video yengoma yeGqom' ebibhekwe ngabomvu ethi Omunye Phezu Komunye.
Phakathi nesonto kuke kwasuka umsindo phakathi kweqembu laKwaMashu iDistruction Boyz isola unontandakubukwa uKhanyi Mbau ngokubambezela ukudedelwa kwe-video ngoba ekhala ngokungagqami kahle kwebala lakhe kule video.
Leli qembu elakhiwe nguZipho “Goldmax” Mthembu noQuinton “Qui” Shozi baKwaMashu, ligcine likhiphe isitatimende kuTwitter likhala ngokubambezeleka kokudedelwa kwe-video yalo.
IDistruction Boyz ibithi isiqediwe ukuhluzwa i-video kodwa uKhanyi akagculisekile ngayo ngoba ufuna ukuthi abonakale ukuthi ungu-yellowbone.
Ngesikhathi kufonelwa uGoldmax ubambe wayeka wehluleka wukuchaza ngokwenzekayo.
UGoldmax ucashe ngesithupha, wathi ngeke akwazi ukuphawula ngoba kunezinto eziningi ezenzekayo kodwa ahluleke wancama ukuzichaza.
“Kungenzeka ukuthi kuyiqiniso futhi kungenzeka ukuthi akulona lokhu okufundile kwistatimende. Nami angazi kahle ukuthi kwenzekani kahle,” kusho uGoldmax.
Exinwa ngemibuzo uthe ucela kukhulunywe nophethe ezezindaba nokunguye ofake kuTwitter isitatimende.
Ucele ukuthi abuye athintwe ngemuva kwemizuzu embalwa ukuze akhiphe inamba ocingweni nokuthe esefonelwa ubengasalubambi ucingo.
Lokhu kwenze kwahlala obala ukuthi lo msindo ubuyindlela yokubanga umsindo nokuyimaketha emphakathini.
Selokhu le ngoma ibe sematheni isike yabhekana nezivuvaba.
Kuzokhumbuleka ukuthi isanda kuqala ukudlalwa kuKhozi FM ngemuva kokuba kushitshwe izinhlamvu zayo ezithi Omunye Phezu Komunye.
Izinhlamvu ezintsha zayo eyenzelwe uKhozi FM sezithi Okunye Phezu Kokunye.