USEQALILE ukuqopha emdlalweni iThe Queen, uNatasha Thahane, olingisa indawo ka-Amogelang kulo mdlalo asenyamalale kuwo isikhathi eside ngemuva kokuhlaba ikhefu.
Le ntokazi ngonyaka odlule imemezele ukuthi izoke ingabonakali njengoba ibisayoqhuba izifundo zayo zokulingisa e-United States.
UNatasha kulindeleke ukuthi aqale ukubonakala ngoMay kwiThe Queen.
UNondumiso Mabece okhulumela uMzansi Magic, ukuqinisekisile ukuthi lo mlingisi osemncane useqalile ukuqopha iziqephu azobonakala kuzona.
“Sijabule ngokubuya kwale ntokazi kulo mdlalo. Siyathemba abantu bazophinde bayijabulele indawo abeyilingisa njengoba bebenza ekuqaleni. Imiyalezo besiyibona usuku nosuku ezinkundleni zokuxhumana, inxuswa le ntokazi ukuthi ibuye kulo mdlalo,” kusho uNondumiso.
Uthe iThe Queen izoheha kakhulu futhi bazimisele ukuqhubeka nokunika ababukeli bayo abakufunayo.
“Abalindele okukhulu kule ntokazi nakwabanye abalingisi abakulo mdlalo asebekhombise ikhono eliyisimanga,” kuchaza uNondumiso.
Ebuzwa ukuthi uShona Ferguson, olingisa indawo kaJerry kuwona usazobuya yini njengoba engasabonakali, uthe uShona usazohlala emdlalweni futhi azikho izinhlelo zokuthi ashiye kuwo.
Umlingisi walo mdlalo, uThembsie Matu olingisa indawo kaPatronella, kuwo ufake isithombe sakhe nayo le ntokazi kwi-Instagram eveza ukuthi ukujabulele ukusebenza nayo.