Ezokungcebeleka

Intaka ibekelwe amazolo kwiNkandla May kusasa

Charles Khuzwayo|Published

YIZO izinsizwa nezintokazi ezizodlana imilala kuMiss noMr Inkandla namhlanje ebusuku

Image: SITHUNYELWE

INTAKA ibekelwe amazolo namhlanje ezinkundleni zemidlalo zakwaNontshiza, eNkandla njengoba kulindeleke izinkumbi nosaziwayo emtelebhweni waminyaka yonke wamahhashi iNkandla May Horse Racing. Kule ndumezulu yomcimbi kulindeleke ukuba ihanjelwe nanguNdunankulu waKwaZulu-Natal, uThami Ntuli noMphathiswa wezobuCiko namaSiko eKZN, uMntomuhle Khawula.

Isimo sezulu esilokhu siguquguquka siholele ekutheni uMasipala waseNkandla usebenzise indawo entsha ngoba evamise ukusingatha lo mcimbi, oDangweni, itholakale incane ngenxa yokugcwala kwamanzi nokungabeka amahhashi engcupheni.

IMeya yaseNkandla, uNkk Nonhlanhla Nzuza, ithe lo mjaho yize ufika kanye ngonyaka kodwa ulekelela kakhulu kosomabhizinisi bendawo njengoba zigcwala izindawo zokulala, amagaraji nezitolo, kuthengwa kakhulu kanti osomabhizinisi abancane benza inzuzo ngokuphindiwe.  

"Osomabhizinisi bakithi eNkandla ezinhlakeni ezahlukahlukene zokuhweba bayahlomula kakhulu ngalo mcimbi, kusukela kubadayisi basemgwaqweni, kuye kwizitolo ezizimele. Umkhandlu uyalekelela kakhulu ukukhipha izimvume zokuhweba kosomabhizinisi bakithi, sibuye sibahlelele izindawo zokudayisa nemipheme yokudayisela," kusho uNkk Nzuza.

 

Umkhandlu waseNkandla udume ngokuvumbulula amakhono ojokhi namahhashi adla umhlanganiso kwimijahi yamahhashi eminingi kulesi sifundazwe. INkandla May Horse Racing wumjaho owasungulwa ngo-2016, eThalaneni, ku-ward 4, ngesikhathi sobuholi bukaNtuli. Ngo-2017, yabe isingena ngaphansi kukaMasipala waseNkandla yenzelwa oDangweni. Ihhashi lokuqala eladla umhlanganiso ngo-2017, laduma nasemincintiswaneni emikhulu, uSgwebo Sentambo owathatha nangonyaka ka-2018.

Ngo-2019, kwavumbuka ihhashi okuthiwa uNxakanxaka owahamba phambili. Ukuhlasela kweCovid-19 ngo-2020, kwaphoqa ukuthi ungabikhona umjaho waze wabuya ngo-2021, lapho kwanqoba khona ihhashi, uTrouble Maker. Kwathi ngo-2022, kwaphinde kwabuya uNxakanxaka, waphinde wanqoba nango-2023. Ngonyaka odlule 2024, kunqobe ihhashi uMbayimbayi ophinde wathatha nesicoco seDundee July. 

UMnyango wezobuCiko namaSiko ulekelele ngezinsiza ezibalelwa ku-R1 million. Kulindeleke ukuba lo mtelebhelo uhanjelwe nayizimeya eziningi zemikhandlu eyahlukene eseziqinisekisile ukuthi ziyeza,  kanti namhlanje  kunomncintiswano woNobuhle iMiss & Mr Nkandla , e-Indoor Sports Centre nomviliyelo obusemini edolobheni obuhlanganisa namahhashi.

IMEYA yaseNkandla, uNkk Nonhlanhla Nzuza

Image: SITHUNYELWE

UNDUNANKULU waseKZN uThamsanqa Ntuli

Image: SIGCINIWE

UNGQONGQOSHE wezemiDlalo, ezobuCiko namaSiko, uMntomuhle Khawula

Image: SIGCINIWE