OBENGUMENGAMELI waseNingizimu Afrika usephonsele abantu bakuleli inselelo yokuthi bafike ngobuningi babo emcimbini wokuGcwalis’iMabhida eThekwini ngoMashi 30.
Ngeledlule kuTwitter uZuma ubhale kanje: “Ngithemba senichopha ingqakala njengoba sonke siya kokamaskandi, siyo #GcwalisaiMabhida mhla ka-30 Mashi 2019.
“Lungisani imvunulo nembhlaselo. Nilungise amathikithi. Asambeni siyo #Gcwalisa iMabhida kuMaskandi Concert. Ingami, Ingawe, Ingathi Sonke,” kusho uZuma owaziwayo ngokuba yibhinca elingazinyezi futhi ovamise ukusina ingoma emicimbini yesintu.
Kwenzeka lokhu nje uZuma ubesanda kuvakashelwa kwakhe ngamabhinca abeswenke ngamabhulukwe eBrentwood.
UZuma ulandela ezinyathelweni zeSilo Samabandla, uZwelithini noNgqongqoshe wezobuCiko namaSiko kuzwelonke, uMnuz Nathi Mthethwa.
Kulo mcimbi ohlelwa yisihlabani sikamaskandi futhi esesilingisa emdlalweni eHostela, uKhuzani ‘Indlamlenze’ Mpungose, ongumkhaya kaZuma njengoba bedabuka eNkandla, kuboshelwe izihlabani zalo mculo okubalwa kuzo uShwi Nomtekhala, Phuzekhemisi, Ihhashi Elimhlophe, Mfiliseni Magubane nabanye ababalelwa ku-70.
Amathikithi abiza uR100 nabiza uR250 asedayise aphela, sekusele awomntakabani.