KUSHUBE isimo kwabizwa umhlangano ophuthumayo kulandela ukuputshuka kwe-video yamazwibela omdlalo osekunesikhathi ulindelwe ngabomvu othi Ushaka-Ilembe.
I-video yamazwibela alo mdlalo ozokhonjiswa kwiM-Net nobophele izingqungqulu endimeni yokulingisa okubalwa kuzo uNomzamo Mbatha, Ayanda Borotho noSiyabonga Shibe, kuthiwa iputshuke ngephutha ngeledlule. Selokhu iputshukile isishiye abaningi belangazelela ukwazi ukuthi izokhonjiswa nini.
Umdlalo Ushaka, uqoshwa yinkampani iThe Bomb Production. Kuwona kuvela uNomzamo elingisa indawo yeNdlovukazi uNandi.
Umthombo weSolezwe uveze ukuthi kushube izinto ngaphakathi kulo mdlalo kusabalala lesi siqeshana, abaphathi befuna ukwazi ukuthi lokhu kwenzeke kanjani?
“Besibizelwe umhlangano, sibuzwa ukuthi ngubani osabalalilse i-video njengoba bekungacaci ukuthi iphume kanjani? Okuvelayo kodwa wukuthi ikhishwe ngumuntu ongaphakathi kuBomb Production njengoba ibisekubona kuphela.
“Njengoba niyibona nje konke kumi kanjalo. Wumdlalo ozoba mkhulu kakhulu kuleli njengoba kukhona abalingisi abanamava kakhulu, kusuka kwabancane kuya kwabadala,” kusho umthombo.
Uthe badonswe ngendlebe ukuba bangalinge bakhulume ngoba abakagunyazwa ukuba bakhulume ngalo mdlalo kwabezindaba kuze kube kukhona okukhishwayo ngawo okuthinta abalingisi.
UShirley Adonisi wakaMNet ekhuluma neSolezwe emasontweni edlule ngalo mdlalo, wakubeka kwacaca ukuthi bazokhuluma ngawo uma sekufike isikhathi.
Wathi angakusho wukuthi izinhlelo ngawo zihamba kahle futhi uzobonakala kwesinye seziteshi zabo ngonyaka ozayo, nokuqopha sekuqalile kodwa wangaveza ukuthi ngobani abalingisi bawo.
Bethintwa izolo mayelana nesiqeshana sawo esesigcwele izinkundla zokuxhumana, abakwaMNet banqabile ukuphawula kodwa bathi bazokhipha isitatimende namhlanje mayelana nalo mdlalo nange-video eputshukile.
Umthombo ukuqinisekisile ukuthi abanye abalingisi abazobonakala kubalwa uWiseman Mncube, Mondli Makhoba, Sthandiwe Kgoroge, Lebogang Tsipa, Senzo Radebe noNtando Duma.
Uveze ukuthi lo mdlalo awuqoshelwa KwaZulu-Natal njengoba bekulindelekile kodwa uqoshwa eGoli.
Phambilini izinhlelo zokuqoshwa kwawo zabhuntsha ngesikhathi kuhlasela ubhubhane iCovid-19.