INKULUMO-MPIKISWANO mayelana nokuthi iyiphi indlela eyemukelekile okumele abesifazane bagqoke ngayo, yindala kakhulu.
Ekujuleni kwayo le nkulumo wudaba lokufuna ukulawula ukuzikhethela kwabantu besifazane ngemizimba yabo.
Muva nje baningi abantu abaye bagxeka owesifazane osezakhele udumo ngokungaligqoki iphenti uZodwa Libram, odume ngelikaZodwa Wabantu.
Le ntokazi iqale ukuzakhela ugazi isadansa kakhulu endaweni yobumnandi eYadini eMlaza. Kuhambe kwahamba kwakhona abayiqasha emicimbini ethile. Ngalokhu kudansa kwakhe okumincisa abaningi usebuya ngaphandle kwemingcele yakuleli.
Kuleli sonto umlingisi nosomahlaya uCeleste Ntuli ngomunye wabagxeke le ntokazi. Umphathi kaZodwa, uDJ Tira, usanda kumemezela ukuthi uZodwa uzoke aqoqe ulimi lwakhe esidlangalaleni kulandela umhlangano ababe nawo.
Ukuzimela kwabantu besifazane nelungelo labo lokuzikhethela ukuthi bafuna ukugqoka kanjani kumele lihlonishwe. Isimilo sethu njengomphakathi sisenkingeni enkulu ngeke selashwa ukuthi uZodwa Wabantu ulifakile noma cha iphenti. Kwayikhona ukuthi iningi labasekela uZodwa ngabesilisa kusho lukhulu ngendlela abambuka ngayo.
Yize noma ngabe izenzo zakhe umphakathi uzigxeka kangakanani kumele sikhumbule ukuthi akakaze azimemezele njengesibonelo esihle ezinganeni.