Ifilimu Inxeba ebisivaliwe ema-cinema kuleli ngemuva kwesinqumo seFilm and Publication Board sokuyibeka esigabeni samafilimu ocansi. Ifilimu Inxeba ebisivaliwe ema-cinema kuleli ngemuva kwesinqumo seFilm and Publication Board sokuyibeka esigabeni samafilimu ocansi.
IZOBUYELA ema-cinema ngoMashi 9 ifilimu Inxeba (The Wound) esuse okukhulu ukukhuluma kuleli ngemuva kwezikhalo ngokukhonjiswa kuyo, okuze kwaholela ekutheni isigungu esilawula amafilimu kuleli siyihoxise ema-cinema.
Namhlanje ekuseni iNkantolo eNkulu ePitoli inqume ukuthi ibuyiselwe ema-cinema leli filimu ngemuva kwesinqumo seFilm and Publication Board's (FPB) Appeal Tribunal sokuthi ikhishwe ngoba 'iveza ucansi' olungafanele ukubukwa abantu abangaphansi kweminyaka engu-18.
Inkantolo ithathe lesi sinqumo kulandela isicelo esifakwe nguWebber Wentzel, obemele ophrojusa baleli filimu, abacele ukuthi sibuyekezwe isinqumo se-FPB. Ngaphezu kwalokho, ibhodi le Film and Publications, nalo liyaphikisana nesinqumo se-Appeals Tribunal kule nhlangano. Nalo ibhodi lifake isicelo esifanayo enkantolo sokuthi kubuyekezwe ukubekwa kwaleli filimu esigabeni samafilimu ocansi. Ibhodi liveze ukuthi lizimele futhi alihambisani nesinqumo esathathwa yi-Appeals Tribunal.
Kuzokhumbuleka ukuthi i-AppealsTribunal yamemezela lesi sinqumo kulandela izikhalazo ezafakwa yizinhlangano, iContralesa neMan and Boy Foundation ezithinta ukungavikelwa kwesiko lamaXhosa lokusoka entabeni kule filimu.
Ibhodi likuvezile kwisicelo esifakwe enkantolo ukuthi isinqumo esathathwa yi-Appeals Tribunal asihambisani nesikhalo esasifakwe yilezi zinhlangano.
Uphrojusa waleli filimu, uCait Pansegrouw, uthe usijabulele kakhulu lesi sinqumo.
"Ngiyethemba ukuthi ukususwa kwaleli filimu esigabeni sawocansi kuzosiza ukuthi kuphele udlame olubhekiswe kubakhiqizi baleli filimu, nokuthi abantu abasafuna ukuyibuka njengokwelungelo labo bakwazi ukuyoyibuka ngaphandle kokuvinjwa," kusho uCait.
Umqondisi wefilimu uJohn Trengove uthe le filimu ibikufanele ukunqoba enkantolo kodwa basafuna incazelo ngesinqumo seTribunal.
"Abantu baseNingizimu Afrika nemboni yezobuciko kuleli badinga ukwazi ukuthi iTribunal yasithatha kanjani lesi sinqumo esihlambalaza umthethosisekelo," usho kanje.
Khonamanjalo, ngemuva kokukhishwa kwale filimu ema-cinema, kube nemibiko yokuthi isiyadayiswa emgwaqeni kanti ibisitholakala nakuma-website. UHelen Kuun, owuMqondisi we-Indegenous Film Distribution, unxuse abantu ukuthi balwe nokukokotelwa kwamafilimu ngokuyobuka Inxeba ngoMashi 9.