BAZOBUYEKEZA indlela yokukhokha enkampanini yekhiqiza umdlalo iTjovitjo esanda kuphela kuSABC1.
Lokhu kushiwo nguMnuz Kaizer Kganyago othe sebebazisile abakwaPuo Pha Productions ngezinguquko ezizoba khona uma sekubuya lo mdlalo.
“Sizophinde sibasize nakwezinye izinkinga ababhekene nazo abalo mdlalo ngoba kusazoqhubeka ukusebenzisana kwethu,” usho kanje.
Lokhu kungenxa yomsindo osanda kuqubuka ngenxa yezinsolo zokuthi abalingisi nabasebenzi abenza lo mdlalo namanje abakaholi.
Selokhu kuvele lezi zinsolo sekube nokuphakama kwemimoya nokukhombana ngenjumbane mayelana nokube yimbangela yokungaholi kwabasebenzi.
Ngokwemithombo, lesi simo sesenze kwakhona abasola abadidiyeli bomdlalo ngokungabacabangeli abasebenzi ngokungabaholeli.
“Sibi isimo ngenxa yokuthi kukhona abasola abanikazi benkampani ngokuba ngogombela kwesabo. Basolwa ngokuzicabangela bodwa ngoba kuyavela ukuthi abakwaSABC kade babanika imali kodwa bangabakhokhela abantu ababesebenza,” kusho umthombo.
AbakwaPuo Pha Productions bakuqinisekisile esitatimendeni ukuthi ziyiqiniso izinsolo zokuthi abalingisi nabasebenzi abaholile.
Kusolwa abanye babadidiyeli ngokugweva nemali okufanele engabe bayikhokhela abasebenzi.
Ukuqonga kwezinsolo kwenze abakwaPuo Pha Productions baphendule kanje ngalezi zinsolo: “Imali esele engakhokhiwe sizoyikhokha kungekudala. Sizoqhubeka nokuxhumana nabathintekayo njengoba besikwenza vele kuze kube sekugcineni.”
Baphinde bacacisa nangezinsolo ezenziwa ngabanye zokuthi ukungakhokhi kwabo kudalwa wukubambezelwa ngabakwaSABC.
Bathe akulona iqiniso lokhu.
Bathe, empeleni abakwaSABC babeseke kakhulu futhi yibona ababe nokuqonda isimo sabo njengoba beyinkampani ezimele yabamnyama abazizamelayo.