IZOPHUMA ngoLwesihlanu, i-albhamu yokuqala yowayengumlingisi weRhythm City, uDumisani “Dumi” Masilela owadutshulwa washona ngesikhathi edunwa imoto, eTembisa, eGoli ezinyangeni ezine ezedlule.
Lokhu kuvezwe ngumfelokazi wakhe, naye ongumlingisi, uSimphiwe Ngema.
Engxoxweni ekhethekile neSolezwe ngeSonto, uSimphiwe owayedlala indawo kaThuli emdlaweni wakuSABC2 uMuvhango, uveze ukuthi umyeni wakhe ushone esamatasa nale albhamu ye-Afro pop. Uthe uqoke ukuthi amhlanganisele yona, ayibize nge-Eternal Crush okuyigama ababebizana ngalo noDumi. Uveze ukuthi ukumaketha le albhamu wenze izikibha ezimhlophe ezibhalwe Eternal Crush.
“Ngithukile indlela abantu abazithakasele ngayo lezi zikibha. Ngokubona isasasa, lezi zikibha sezizotholakala nangeminye imibala. Kunenamba engiyifakile ekhasini lami ku-Instagram abantu abangathumela khona umyalezo uma bezifuna izikibha. Sibiza uR200 sisinye noR100 ngaphezulu uma umuntu efuna simthumelele sona,” kusho uSimphiwe.
Uthe le-albhamu iqukethe izingoma zothando, inaneculo elithi Ungesabi okuyiculo uDumi alicula esiqeshini sakhe sokugcina kwiRhythm City.
“Kunemicu embili yale albhamu evele isidlala emsakazweni iShona Phansi ne-Uphushiwe. Kuneculo uDumi angibhalela lona elithi Yena. Abantu bazoyithakasela le-albhamu kulama holidi kaDisemba ngoba igcwele amaculo omshado. UDumi wakhipha konke okungaphakathi kuyena ngesikhathi eyipheka le albhamu,” kusho uSimphiwe. Uqhube wathi uma isiphumile le-albhamu uzohambela izitolo zomculo, lapho ezobe ephethe khona nanezikibha ze-Eternal Crush.
UMLINGISI uSimphiwe Ngema uzoqala umjikelezo wokumaketha i-albhamu yokuqala yomyeni wakhe ongasekho, uDumi Masilela, i-Eternal Crush ezophuma ngoLwesihlanu Isithombe: INSTAGRAM/ SIMZ NGEMA
Ephawula ngokujoyina umdlalo wakuSABC3, Isidingo, uSimphiwe uthe udlala indawo kaPhindile Shezi, osebenza emayini. “Ngijabule kakhulu ngokuthola leli thuba. Kunginikeze nethuba lokuthi ngike nginake ikhono lami. Isikhathi esiningi besengisichitha ngenza izinto zikaDumi. Isidingo ngeminye yemidlalo emikhulu ehlonishwayo,” kusho uSimphiwe.
Ubonge abalandeli bakhe ngokumeseka ngesikhathi edidekile, engazi ukuthi impilo izobanjani ngaphandle komyeni wakhe.
Uthe imiyalezo yabo yokumeseka yiyo eyamkhuthaza ukuthi avuke azithathe, impilo iqhubeke yize bekungekho lula.