USEZOBA unina ka “Hip” no “Hop” umethuli wezinhlelo ophinde abe ngumsakazi weMetro FM, uLuthando “Lootlove” Shosha.
Uveze izindaba zokukhulelwa kwakhe ebezihambisana nesithombe sakhe esimveza enesisu esikhulu, ekhasini lakhe ku-Instagram ngoLwesihlanu.
Uthe uzizwa ejabule kakhulu, wabonga uNkulunkulu namadlozi akhe ngalesi sibusiso.
“Bengihlezi ngizitshela ukuthi ngisezintweni kodwa ukuthola ukuthi ngikhulelwe amawele ikona okungenza ngibe sezintweni kakhulu,” kusho uLootlove.
ULootlove okuke kwavela imbiko yokuthi uthandana nomrepha uSizwe “Reason” Moeketsi uveze ukuthi ukhulelwe ‘uHip’ no ‘Hop’.
Uqhube wathi imizwa yakhe ixubile njengoba ethokozile yize aphinde abe novalo.
Uthe uvalo lubuye lushabalale uma esezwa umnyakazo esiswini sakhe, emkhumbuzayo ukuthi kunemiphefumulo ayithwele.
“Osaziwayo bathwala kanzima ngoba bayaphoqeka ukuthi badalule konke ngempilo yabo ngoba uma bengenzi njalo kunabantu esizitshela ukuthi singabethemba abagcina sebepotshoza izindaba ngathi. Bakwenza lokhu ngaphandle kokucabanga ukuthi kuzosilimaza kangakanani thina nabasondelene nathi,” kusho uLootlove.
Uthe kunamanqe ahlezi endiza phezu kwabo elindele ukusabalalisa izimfihlo zabo.
Uveze ukuthi abantu bayakhohlwa ukuthi osaziwayo nabo bangabantu, ngesinye isikhathi kumele bake bazame ukungena ezicathulweni zabo.
Uthe okubalulekile kuye ukuvikela umndeni wakhe, umndeni kamuntu wakhe nezingane zakhe ezinhle nokuhlonipha usiko.
“Ukuthula kwami ngalokhu bengikwenziswa ukufuna ukuqinisekisa ukuthi bonke abantu abathintekayo bathola ithuba lokuqale bakuzwisise kahle. Bajabule, bathuke, benze konke nje ngaphandle kokungenelela kwezwe lonke, besho abakuthandayo,” kusho uLootlove.
Uxwayise abantu abahlangana naye emgwaqweni ukuthi bangalokuthi bathinte isisu sakhe ngoba uzobafumba ngesibhakela, (esho efake ubuso obuhlekayo).
Lishone elangoLwesihlanu osaziwayo nabalandeli bakhe belokhu bemhalalisela ngokukhulelwa kwakhe amawele, bemfisela okuhle kodwa.
Izolo uphinde wafaka esinye isithombe sakhe ekhulelwe ku-Instagram, enomngani wakhe.
Ubonge kakhulu abangani nomndeni wakhe ngothando nokumeseka.