Ezokungcebeleka

Injabulo kukhethwa ozomela izwe kuMiss Supranational

Fanelesibonge Bengu|Published

ULEBOGANG Raputsoe oyomela elakuleli kuMiss Supranational South Africa 2025, ePoland ngenyanga ezayo

Image: Instagram

SIJATSHULELWE isinqumo sokuqokwa kukaLebohang Raputsoe, njengoMiss Supranational South Africa 2025, ozomela izwe emncintiswaneni wamazwe omhlaba ePoland ngenyanga ezayo.

Ngokujwayelekile odle isicoco sikaMiss South Africa uyena obethunywa ukuyomela izwe kuMiss Supranational. Nokho izinto zijikile ngeledlule IMiss South Africa Organisation, imemezela ukuthi iyahoxa futhi ngeke isayivuselela ilayisensi yayo okusho ukuthi uMiss SA okhona, uMia le Roux akayi.

Ilayisensi yakulelli ithathwe wuBokang Montjane-Tshabalala, okhethe uLebohang ukuthi abe wuMiss Supranational South Africa 2025.

UBokang, owaba wuMiss SA ngo-2010, uthe bayaziqhenya ngokukhetha owesifazane omnene, owumholi futhi onendaba egqugquzelayo oyomela abantu bakuleli.

“ULebohang uzomela izwe ePoland ngalo Juni kuMiss Supranational!”.

ULebohang, odabuka eVaal, umatasa neziqu zobudokotela kwiHuman Resources Management.

Uyazifela ngabantu abasha nokuthuthukisa abasakhula egxile kwezemfundo. Uyakholelwa kwezemfundo.

Phakathi kwabajabulele uLebohang, kubalwa abake banqoba isicoco sikaMiss SA uNatasha Joubert noLalela Mswane.

ULalela owathola esikaMiss Supranational ngo-2022 uthe: “Ngaze ngajabula!!!”

Umcimbi wokukhetha uMiss Supranational omusha uzoba seLesser Poland, ePoland, ngoJuni 27,

Njengamanje isicoco siphethwe wuHarashta Haifa Zahra wase-Indonesia.