USWELE amaphiko okundiza ocula owokholo ophinde abe ngumfundisi, uKhaya Mthethwa, njengoba benonkosikazi wakhe belindele umntwana wabo wokuqala.
Ekhuluma neSolezwe ngeSonto uKhaya ongumfundisi wase-Oasis Fellowship Centre eMlaza, uziqinisekisile izindaba zokukhulelwa kwenkosikazi yakhe, eyayinguMiss South Africa 2016, uNtandoyenkosi Mthethwa.
UKhaya ubophe ifindo likasofasilahlane nesinqandamathe sakhe ngoDisemba ngonyaka odlule.
Uthe injabulo yabo iyachichima njengoba belindele umntwana wabo wokuqala.
“Ngesikhathi ngithola okokuqala ukuthi unkosikazi wami ukhulelwe ngajabula kakhulu. Sengikulungele ukuthi ngibe ngubaba okokuqala ngqa,” kusho uKhaya.
Akazange afune ukuveza ukuthi uNtando usenezinyanga ezingaki ekhulelwe.
“Ngiyaxolisa kodwa angeke ngikwazi ukudalula okuningi ngokukhulelwa kukankosikazi wami.
“Okuningi sifisa ukuthi kuhlale phakathi kwethu.
“Angivumelekile nje ukukhuluma kakhulu ngalokhu. Namanje unkosikazi wami uzophatheka kabi ukuthi besengikhuluma nabezindaba ngokukhulelwa kwakhe,” kusho uKhaya.
Ebuzwa ngokuthi sebeyazi ukuthi balindele mntwana muni, uvele wahleka wathi ucela ukuthi angakuvezi nalokho.
Ubonge uNtando ngokumthwalela lesi sipho esiyisibusiso empilweni yakhe.
Unxuse uNkulunkulu ukuthi amhlenge kulesi sikhathi ezithwele kuze kube kufika isikhathi sokuthi abelethe.
Uqhube wathi yize bengosaziwayo noNtando kodwa bathanda ukuphila impilo ezifanela neyabo bonke abantu.
Uzwakalise ukubonga kubalandeli babo abalokhu bebathumelela imiyalezo yokubahalalisela ngesipho sabo.
Abalandeli baKhaya bazothola ithuba lokumhalalisela mathupha njengoba kulindeleke ukuthi abeyingxenye yabaculi abazobe benandisa
edilini lo mculo iCapitec Live Better Festival ezobe isenkundleni yemidlalo iKings Park namhlanje.
Uzoshiyelana inkundla noZonke, Vusi Nova, Mlindo, Afrotraction, Lady Zamar noZamajobe.