ASIKAKHOLWA namanje isiphalaphala somlingisi waKwaZulu-Natal esiqokelwe imikhakha emqoka kowezindondo zethelevishini zaminyaka yonke, iSimon “Mabhunu” Sabela Film & TV Awards.
ULondeka Mchunu (24) waseClermont kodwa osezinze eGoli, odlala indawo kaSnegugu kwiSethembiso, uqokwe kwaze kwaba kabili kule miklomelo ethathwa njengebalulekile kuleli.
AmaSimon “Mabhunu” Sabela Film & TV Awards azoba esePlayhouse ngenyanga ezayo.
ULondeka uqokwe njengeBest Newcomer Actress TV neBest Supporting ActressTV.
Ethintwa uveze ukuthi ubengakatshelwa ngalezi zindaba ezimnandi kodwa uyajabula ukuthi aqale athole isasasa esifundazweni aqhamuka kuso.
“Ngiyaqala ngqa ukuqokelwa izindondo zokulingisa. Sengiyohlanganisa unyaka wesibili neSethembiso kodwa bengigcina ngokuhambela imicimbi ekuqokwe kuyo abanye.
“Kuyangijabulisa ukuthi ngithole uthando lapho ngiphuma khona yize ngisebenzela kwesinye isifundazwe,” kusho uLondeka.
Le ntokazi iqokwa kulezi zindondo nje, lo wumsebenzi wayo wokuqala ngqa ekulingiseni.
“Konke kuvela kuNkulunkulu, nabantu ngihlala ngibatshela ukuthi angikaze ngilingise futhi angikufundelanga.
“Ngaba nabangani abanothando omunye wabuya neminingwane yenhlolokhono.
“Ngangingazi, omunye wangifakela imininingwane yami. Ngangena kanjalo ke kwiSethembiso,”kusho uLondeka.
Yize engakufundelanga ukulingisa kodwa uthi kuyinto esegazini kubo njengoba nodadewabo uNelisa Mchunu engumlingisi oqavile kuZalo. UNelisa uwuFikile kulo mdlalo.
Njengawo wonke umuntu wesifazane, uLondeka naye unesifiso sokuba nomyeni nezingane ngelinye ilanga.
“Ngeke ngiqambe amanga ngiyawuthanda umshado. Ngiyafisa ngelinye ilanga ukushada ngibe nezingane,” kusho uLondeka.
Ephetha uthe ezinye zezinhlelo zakhe wukungena agxile emikhakheni yamabhizinisi okuyiyona yinto ayazi kangcono nayifundela esikoleni.